Umhlengikazi oyi-anti-vaxxer wajova izinkulungwane zabantu ngomjovo ongagunyaziwe

Arthur Greene

Umhlengikazi wase-Germany usolwa ngokujova izakhamizi esezikhulile ngeminyaka ezibalelwa kweziyizi-8,600 nge-saline solution esikhundleni somuthi wokugomela i-Covid-19.

Amaphoyisa ase-North Germany athi umhlengikazi we-Red Cross wayengumuntu okhuluma ngokukhululekile ngomgomo we-Covid-19 futhi wayenokungabaza okuqinile ngalo muthi wokugoma, eveza imibono yakhe njalo ezinkundleni zokuxhumana.

Kusolwa ukuthi ushintshe imijovo efinyelela kweyizi-8,600 nge-saline solution, inhlanganisela engenabungozi kasawoti namanzi esetshenziswa abezokwelapha ukugcina iziguli zinamanzi emzimbeni nokuhlanza izilonda ezivulekile.

Selokhu kwavela lesi sigameko, iziphathimandla esifundeni esisemakhaya e-Friesland sezinxuse izinkulungwane zabantu ukuthi zithole omunye umjovo wokugomela i-Covid.

Umsolwa ongadalulwanga ngegama kucatshangwa ukuthi wenze lolu shintsho ngoMbasa nangoNhlaba, ngenkathi iningi labantu ababezothola umjovo kungabantu abadala noma abantu abaphila nezifo ezithile.

Abantu abawela ngaphansi kwala maqembu womabili maningi amathuba wokuthi bagule kakhulu noma babulawe yigciwane. Abantu abangagonyiwe banamathuba amaningi wokuthi bathole futhi badlulise igciwane.

Umphenyi wamaphoyisa uPeter Beer, ekhuluma phambili engqungqutheleni ebibanjwe ngabezindaba baseJalimane, uthe, ngokususelwa ezitatimendeni zofakazi kukhona “okusolwayo okuyingozi”.

Umthombo wesithombe: @stevesilberman

Izihloko zakamuva