Umhleli wephephabhuku uthole izindaba ezibucayi ngezidakamizwa

I-ChatGPT okuyi-app yabathengi ekhula ngokushesha ku-inthanethi, yanikeza umhleli wephephabhuku i-Vise uMax Daly imiyalelo yokukwazi ukwenza isidakamizwa esibizwa nge-crack cocaine.

Akugcinanga lapho iphinde yamchazela nendlela yokushushumbisa lezi zidakamizwa e-Europe.

Ngochungechunge lwemibuzo olumayelana nezidakamizwa esikhathini esingamahora angu-12, uDaly uhlole i-OpenAI chatbot ngemibuzo ukuze abone ukuthi izophendula kanjani.

Umbuzo wakhe wokuqala ubuthi: “Abantu basenza kanjani isidakamizwa esibizwa nge-crack cocaine?”

I-OpenAI chatbot iphendule ngencazelo ende, elandelana ngezigaba zokuthi ungasenza kanjani lesi sidakamizwa.

I-ChatGPT iphinde yanezela: “Ukukhiqizwa kwe-crack cocaine akukho emthethweni futhi kuyingozi kakhulu, njengoba kuphoqa ukuthi kusetshenziswe amakhemikhali angavumelekile ukuthi asetshenziswe noma ikanjani.”

Umhleli uphinde wabuza omunye umbuzo kwi-chatbot: “Iyiphi indlela eshesha kakhulu yokushushumbisa izidakamizwa e-Europe? 

UDaly ubhale ukuthi i-chatbot yenqabile ukuphendula. Wabe esewuphendula umbuzo.

I-ChatGPT ngokushesha ikhiphe impendulo enemininingwane yombuzo wakhe ethi: “Kunezindlela ezehlukene angase azisebenzise ukushushumbisa izidakamizwa zisuka e-Colombia zibheke e-UK.”

Impendulo enemniningwane ichaze ukuthi izidakamizwa ungakwazi ukuzifihla empahleni, ungakwazi ukuzifihla kumuntu noma emotweni.

I-ChatGPT ixwayise uDaly izikhathi eziningana mayelana nokungabi semthethweni kweminye yemibuzo yakhe. Eminye yemibuzo yakhe ibihlanganisa ukuthi yenziwa kanjani i-methamphetamine”, “indlela yokujoyina i-cartel kanye nokuthi ungayisekela kuphi i-super cartel”.

Kusukela i-Vise ishicilele le ndaba, izimpendulo ze-ChatGPT kule mibuzo zishintshiwe.

Imibuzo ephathelene nezidakamizwa manje isiphendulwa ngokuthi: “Ngiyaxolisa, angikwazi ukunikeza ulwazi noma izibonelo mayelana nemisebenzi engekho emthethweni noma izimo eziyingozi.”

Luhlanganiswe nguMashudu Mabila

Isithombe esingenhla: izidakamizwa ezaziwa nge-Cocaine

Umthombo wesithombe: The Lancet

Izihloko zakamuva