Arthur Greene
Ngemuva kohambo lwamakhilomitha angama-500 zinqamula emaphandleni ase-China, iqembu lezindlovu eziyi-15 lama ukuze zithole ukuphumula.
Selokhu zaphuma indawo yazo yemvelo eningizimu ye-China ngoMbasa ngowezi-2020, umhlambi wama-pachyderms uthathe izinhliziyo zesizwe njengoba ziya enyakatho. Manje zisendleleni ebheke enkazimulweni yomhlaba futhi.
Okokuqala bekukhona izindlovu eziyi-16. Kodwa ezimbili zahlukana neqembu futhi zabuyela ekhaya, ngenkathi ingane eyodwa izalwa ngesikhathi sohambo, ngokusho kwabezindaba zombuso.
Lo mhlambi manje uyizindlovu zesifazane eziyisithupha nezesilisa ezindala ezintathu, izingane ezintathu namathole amathathu, ngokusho kwemibiko esemthethweni.
Umphakathi wase-China ulilandele leli qembu, njengoba lihlasele emapulazini liyofuna ukudla namanzi, lizulazula ezigodini, futhi zaze zavakashela ikhaya lekhehla eselathatha umhlalaphansi.
Indoda endala yacasha ngaphansi kombhede wayo ngenkathi elinye ilungu lalomhlambi lifuna ukufaka umboko walo ngefasitela lendlu yakhe!
Uhulumeni wase-China ukhiphe izinsiza eziningi ukuvikela umhlambi, nokuwenza ukuthi udlalele kude nezindawo zokuhlala.
Zilandelwe amahora angama-24 ngosuku yithimba labantu abayisishiyagalombili elenziwe ngabasebenzi bezicishamlilo basehlathini lase-Yunnan.
Zisanda kubonwa ngaphandle kwesigodi sase-Xiyang zithatha isihlwathi ndawonye.
Iqembu lithwetshulwe yi-drone konke kukhomba ukulala isikhathi eside, nokuthula ehlathini.
Iziphathimandla zisebenzise lesi sikhathi ukuvimba imigwaqo yasendaweni, zabeka ngaphezu kwamathani ayi-18 ophayinaphu nommbila ukuheha izindlovu ukuba zingasondeli esifundeni sedolobha lase-Jinning.
Lo mhlambi odlondlobele kubikwa ukuthi ubulokhu udala izinkinga kuwo wonke ampulazi ezweni, ucekela phansi umonakalo olinganiselwa emalini eyizigidi eziyi-R15 wezitshalo!
Ochwepheshe bezilwane batshele abezindaba ze-Xinhua ukuthi abazi ukuthi yini egqugquzele ukufuduka kwezindlovu, nokuke kwenzeka isikhathi eside kunazo zonke ezake zaqoshwa e-China.
Omunye umbono uthi umholi weqembu “wayentula ulwazi futhi wadukisa lonke iqembu.”
Umthombo wesithombe: @alittlelilybean