Umhlaba ushaqekile njengoba kusulwe amacala omqeqeshi we-Judo owashaya umpetha wama-Olimpiki

Dylan Bettencourt

Isinqumo esithathwe umshushisi wombuso sokusula icala lomqeqeshi we-Judo u-Alain Schmitt ngokushaya umpetha wama-olimpiki uMargaux Pinot sishiye umhlaba ubambe ongezansi.

Ukulimala kwalo mdlali oneminyaka engama-27 ubudala othole indondo yegolide bekuhlanganisa ukuvuvukala kwamehlo kanye nekhala eliphukile. Wabika ngomqeqeshi wakhe ngokumshaya ngaphandle kwendlu yakhe e-Paris.

UPinot uthe uSchmitt nomlingani wakhe bambamba bambeka phansi ngesikhathi bemthuka futhi bemhlukumeza. UPinot uthi washaywa ngesibhakela ebusweni izikhathi eziningi waklinywa ngaphambi kokuba abaleke wabiza amaphoyisa.

Iziphathimandla zendawo ezingamaphoyisa zafika endaweni yesigameko zabopha uSchmitt ngaphambi kokuba ziyomphenya.

Ngesikhathi kuqhubeka icala ngoLwesibili, umsolwa oneminyaka engama-38 ubudala ukuphikile lokho. Umshushisi wombuso wenze isincomo sokuthi ijaji limnike isigwebo sonyaka ngokwenza “udlame olubi kakhulu”. Nokho, leli cala belingenabo “ubufakazi obanele becala” ukuze bagweme noma yisiphi isijeziso esinzima.

USchmitt utshele inkantolo ukuthi lesi sigameko bekuyingxabano phakathi kwezithandani ezimbili ezigqugquzelwa uPinot.

UPinot, owathola igolide e-Tokyo, ufake isithombe sokulimala kwakhe futhi wabuza ukuthi ngabe ukushona kwakhe bekuzokwenza inkantolo inikeze umqeqeshi wakhe isijeziso esinzima.

“Yini ebishoda? Bekmele ngize ngishone, mhlawumbe? Cishe i-judo engisindise kulokhu futhi imicabango yami izwelana nabanye besifazane abangakwazi ukukhuluma ngalokhu,” kusho yena ku-Twitter.

USchmitt uthe uzizwa eyisisulu sokuhlukunyezwa nokuxhashazwa njengoba umlingani wakhe eqamba amanga emhlabeni wonke ngalesi sigameko.

“Bekungeke kwenzeke ukuthi ngishaye umuntu ngesibhakela bese eyabaleka. Futhi nakho lokho ngikwenze ngemuva kokuthi ngiphushele ikhanda lakhe emhlabathini? Kuyihlaya. Uqamba amanga,” kuchaza umqeqeshi.

Abasubathi abaningi base-France kanye noNgqongqoshe wezemidlalo wezwe bayameseka uPinot.

“UPinot ngokusobala uyisisulu kulokhu okwenzekile,” kusho uNgqongqoshe uRoxana Mărăcineanu.

Umthombo wesithombe: @BBC

Izihloko zakamuva