UMhango wenze ezibukwayo kweye-Afcon

Dylan Bettencourt

I-Orlando Pirates ingahle ilahlekelwe umgadli wayo uGabadinho Mhango, ohehe abaphathi base-Europe kulandela ukuzimisela kwakhe  edlalela i-Malawi kweye-Afcon.

Abaphathi balo mgadli kwi-ProSport International bathi uMhango uthandwa ngabaningi phesheya.

“Anginaso isiqiniseko sokuthi izinto zibucayi kangakanani kodwa sekukhona okwenzakalayo mayelana nekusasa lakhe,” kusho umthombo.

“Angahle afune ukuthuthela ezweni lase-Europe maduze nje. Ngiyakuqonda ukuthi i-Orlando Pirates izovuma ukumdedela, uma kuvela isivumelwano esihle.”

Lo mdlali oneminyaka engu-29 ubudala akaziwa kangako kwi-Pirates, usedlale imidlalo emine kuphela yeligi emkhankasweni ka-2021/22 kuze kube manje. Kodwa-ke iBhakabhaka lilwela ukuncenga uMhango ukuthi asayine inkontileka yonyaka owodwa kuleli qembu.

UMhango ungene emqhudelwaneni we-Afcon walo nyaka engenaso isiqiniseko ngekusasa lakhe neqembu lase-Soweto kodwa lo mgadli ushaye amagoli amangalisayo e-Cameroon, okuhlanganisa nomdlalo wakhe omuhle bebhekene ne-Morocco.

“Iqembu belicabanga ukumsebenzisa ngokumshintshanisa ngoVictor Letsoalo we-Royal AM. Kodwa ngicabanga ukuthi kungenzeka  sebewushintshile umqondo njengoba esebakhombisile ukuthi udlala kahle uma esesimweni esifanele,” kusho omunye umthombo.

Lesi sihlabani sase-Malawi siqede umqhudelwano sesishaye amagoli amathathu emidlalweni eminingi, okukhombisayo ukuthi engakwazi ukubalwa kwabahamba phambili e-Afrika.

UMhango ujoyine i-Pirates ngo-2019 esuka kwi-Bidvest Wits kodwa wehlulekile ukujabulisa abalandeli baleli qembu lase-Soweto. Uthole amaphuzu angu-21 kuphela emidlalweni yakhe engu-54 yeligi.

Kungenzeka ukuthi i-Pirates izofuna ukukhipha uMhango phakathi newindi lokudayiselana ngabadlali ngoNhlangulana kuya kuNtulikazi ngoba uzobe esebiza kakhulu kulandela ukudlala kwakhe e-Cameroon.

Umthombo wesithombe: @iDiskiTimes

Izihloko zakamuva