Linda Ximba
Umgqugquzeli ongumakadebona uRodney Berman uzoqopha umlando eNingizimu Afrika ngokwenza imiqhudelwano emibili e-Emperors Palace Casino eGoli ngomhla ziyi-19 kuNhlangulana.
Umnikazi we-Golden Gloves Promotions, osebambe iqhaza esibhakeleni eminyakeni engama-44 edlule, uqoqe abashayisibhakela abayisithupha abasafufusa.
Futhi ubabize ngokufanele izimpi wathi “Isizukulwane Esilandelayo” ngoba ukholelwa ukuthi bangompetha bezwelonke nabomhlaba bakusasa. Esitatimendeni esithunyelwe kwabezindaba, phakathi kwamathemba okulindeleke abe khona kulo mdlalo kubalwa uLouis Majalika ozoqala ukushaya isibhakela ebhekane noKoan Mokoena empini ye-bantamweight emizuliswaneni eyisithupha.
Omunye okulindeleke ukuthi akhombise ithalente lakhe nguShervontaigh Koopman ozoshaya isibhakela noJacques Tshikubu Mavud wase-Congo empini ye-junior middleweight ongomunye walaba abayisithupha.
Ngemuva komdlalo ngo-6 ntambama, ezinye izimpi eziyisithupha zizoba kwimenyu. Umpetha womhlaba wesikhathi esizayo uLudumo “9mm” Lamati uzolwa noJose Martin Estrada Garcia wase-Mexico ukuthola ibhande le-IBO junior featherweight elingenamuntu.
ULamati owazalelwa e-East London uzobekelwa ukunqoba kwazise phambilini ukwazile ukuthola i-ABU bantamweight ne-IBF Intercontinental junior featherweight futhi akakaze anqotshwe ezimpini eziyi-18.
UThulani “Evolution” Mbenge owayengumpetha we-IBO welterweight uzobe ebheke ukuziphindisela ngokuhlula umnqobi we-WBA Pan African uJabulani Makhense.
Laba bobabili bazohlangana empini ezonqoba wonke njengoba kuzobe kuboshelwe amabhande kazwelonke nawe-ABU aphethwe uMbenge. Umphetha we-WBA ne-IBO All Africa we-junior-middleweight uBrandon Thysse uzobhekana noTomi Silvennoinen wase-Finland kuma-rounder ayi-10 aphesheya.
URoarke “Razor” Knapp uqhathwe noBenoit Makangila Cela wase-Democratic Republic of Congo emizuliswaneni eyisishiyagalombili ku-junior-middleweight ngenkathi impi ephakathi kwabashayosobhakela be-cruiserweight uJohnny “Hurricane” Muller no-Akani “Prime” Phuzi izoba nosuku futhi.
UPhuzi ulangazelela ukuziphindiselela njengoba elahlekelwe ngamaphuzu ngesikhathi elwa noMuller ngesicoco se-WBA Pan Africa ebesingenamuntu ngaleso sikhathi e-Kempton Park ngoZibandlela ngowezi-2020.