Umgomo wemidlalo uthi akumele ukhohlwe uthando olukugqugquzelayo ukuba udlale

Lucky Sithole

Umuntu ubengaxolelwa ngokucabanga ukuthi le eminye yemidlalo ejwayelekile, ngesikhathi u-Quinton de Kock ephuma enkundleni ngoMgqibelo emdlalweni wabo bedlala ne-Sri Lanka, washaya ama-runs ayi-12 angasho lutho emabholeni ayi-11 kwathi uReeza Hendrics washaya ama-runs ayi-11 emabholeni ayi-12.

Eminye yaleyo midlalo iNingizimu Afrika eyidlala kahle. Uhlobo lwemidlalo lapho abaphosi bebhola bekwazi ukunikeza abashayayo ibhola ngokufanele, kodwa abashayayo  bayafika badlulele phambili futhi bahlale baze bakhishwe, ngemuva kokuzinekela baxhawule iqembu eliwinile ngokuzibophezela futhi. bese beqonda endlini yokugeza.

Ekupheleni kwaleyo midlalo umbukeli usala ehefuzela, aphuze isiphuzo esibandayo, abheke ukuthi azikho yini izibani ezanele zokukhanyisa umlilo uma sebosa ebusuku. Ibukeke ingomunye waleyo midlalo. Ngesikhathi uWanindu Hasaranga (de Silva) eshaya amagoli akhe  ababazekayo, kubonakale ukuthi ama-Proteas sekuphelile ngawo.

Kodwa kube sekufika ukugqugquzeleka.

Sekusele i-over eyodwa uKagiso Rabada noDavid Miller kade bebhekene nenkinga, bedinga ama-runs abonakala engenakwenzeka ayi-16 emabholeni ayisithupha.

Kodwa ngesikhathi laba bobabili behamba beya maphakathi nenkundla njengoba abashayayo benza phakathi kwama-overs, akuzange kube khona ukuthinta okuthambile kwamagilavu kanye nesimo sengqondo sokuthi ‘ake sibone ukuthi singenzani. Laba ababili, besilisa bebebukeka njengabantu ababili abaya phambili kwi-scrum esibalulekile. Kuvuthe umlilo emehlweni abo. Bebebukeka bethukuthele, bezimisele futhi yebo, benothando.

Futhi uthando lwavuselela. UMiller ngesikhathi eshaya o-six ababili abakhulu kuma-stands kwathi uRabada wathola ama-top four adlule ekhanda likanozinti wewikhethi. UMiller ubeshaye ama-runs angama-23 emabholeni ayi-13, kanti uRabada ushaye angama-13 emabholeni ayisikhombisa.

Kulula kubagxeki (abafananoLucky) ukugxila kwezombusazwe, abakhubazekile kanye nemibono, benqekuzisa ikhanda ngesikhathi bebikezela inhlekelele.

Kodwa kunento eyodwa okungafanele neze yehliswe. Ungalokothi ukhohlwe mayelana nothando lomdlalo. Kuwumugomo wezemidlalo.

Umthombo wesithombe: @CricketSouthAfrica

Izihloko zakamuva