Umgodi oshona phansi- futhi uyakhula!

Everson Luhanga

Abahlali base-Motloung Section e-Katlehong bahleli lubhokozi ngengxa yomgodi omude osongela ukugwinya izindlu eziyishumi – futhi olukhu usondela!

Lokhu kungashiya abantu abangama-50 bengenamakhaya.

UPhilip uhlala yedwa kwezinye zalezi zindlu ngoba abazukulu bakhe nomadala oneminyaka engama-69 ubudala sebephumile, besaba ukuthi bangase bagwinywe ilomgodi besemagumbini angasemuva acwilayo.

Ehleli endlini yakhe nayo engathembisi, uPhilip utshele abakwa-Scrolla.Africa ukuthi uya endlini yangasese nomakhalekhukhwini ukuze makuminza ithoyilethi, afonele amalungu omndeni wakhe azomtakula.

“Angikwazi ukuthatha amashansi. Nsuku zonke umgodi uyakhula, ubanzi futhi ujulile. Nesihlahla esikhulu egcekeni sesiwela phakathi emgodini,” esho.

Eduze kukaPhilip kuhlala uSipho Jele.

“Ngihlale nomgodi egumbini lami lokulala iminyaka eyi-17, isikhathi esingaphezu kohhafu wempilo yami,” esho.

USipho wathola umgodi ngaphansi kwekamelo lakhe lokulala ngowezi-2004.

“Kungithusile. Bengicabanga ukuthi ngelinye ilanga indlu izomane inyamalale ingene emhlabathini,” esho.

USipho uthe wavala lo mgodi ngokhonkolo, kodwa uma ehamba uyezwa ukukhala kokunyathela kwakhe kuphindeka ngaphansi komhlaba.

“Ngiyesaba kodwa anginayo enye indawo engingaya kuyo,” esho.

Isakhamuzi, uJob Nhlapo, oneminyaka engama-60, uthe kudilizwe ithoyilethi lakhe langaphandle ngesikhathi abaphathi bakamasipala bekhipha omakhelwane babo bebhidliza nendlu.

Sekuyizinyanga ezingaphezu kweziyi-12 uJobe eqasha izindlu zangasese zamabhakede ezibekwe egcekeni lakhe.

UPuleng Mosia, oneminyaka engama-60, uthe uzalelwe endlini ewayo.

Uthe uthenge izinto zokuvuselela indlu kodwa unovalo lokuthi uzozimosha njengoba indlu iyacwila.

Ikhansela le-ANC esigcemeni se-107 uMnu uThabani Goje uthe uyazazi izingqinamba kodwa uxhaso lwemali oluyinkinga.

“Ngithumele lo mbiko emnyangweni wezokuhlelwa kwedolobha futhi silindile,” esho.

UThabani ukuqinisekisile ukuthi le nkinga isabalale nakwezinye izindlu.

“Kuyinkinga edinga ukunakwa kuqala.”

Izihloko zakamuva