Umgodi obusemgwaqeni uvuse ikhehla kwabafileyo

Ikhehla elineminyaka engu-80 ubudala lase-India, uDarshan Singh Brar uvuke ekufeni ngesikhathi i-ambulensi yakhe ishayisa umgodi.

UBrar obesenezinsuku engaphilile uyiswe esibhedlela kwafike kwatholakala ukuthi unesifo sesifuba, okwenza isimo sakhe senhliziyo saba sibi kakhulu.

Ngemuva kwezinsuku ezine bemufake emshinini wokuphefumula, odokotela bakhiphe umyalelo wokuthi ushonile. Kodwa-ke endleleni eya e-Nising e-Haryana, i-ambulensi ingene kumgodi ojulile eduze kwedolobhana lase-Dhand, ngemuva kwalokho uBrar uqalile waphefumula ngokungalindelekile.

Umndeni kaBrar obunaye kwi-ambulensi ubone enyakazisa isandla sakhe wathola ukuthi inhliziyo yakhe isashaya. Ngokushesha bacela umshayeli ukuthi aye esibhedlela esiseduze.

Esibhedlela odokotela bathole ukuthi uBrar uphefumula kahle futhi nomthambo wegazi ushaya kahle. Abakwazanga ukuqinisekisa ukuthi kumenyezelwe kanjani ukuthi ushonile futhi baphakamisa ukuthi kungenzeka ukuthi isibhedlela sinezinkinga zobuchwepheshe.

Akukhona okokuqala umgodi osemgwaqeni uvusa umuntu. Isiguli sowesilisa esasinezinhlungu esifubeni sathi sesizizwa singcono ngemuva kokuba i-ambulensi ishayisa umgodi.

Abantu baseNingizimu Afrika bayazi kahle imigodi esemgwaqeni futhi bachitha isikhathi esiningi bekhononda ngayo njengoba kumele vele benzenjalo, kungenzeka ukuthi awamabi kangako. Kodwa-ke azikho izigameko ezibikiwe zemigodi eNingizimu Afrika ezake zasindisa impilo yomuntu.

Luhlanganiswe umbhali we-Stuff

Isithombe esingenhla: I-Pothole

Umthombo wesithombe: Stock

Izihloko zakamuva