Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
Umfundisi uPaseka Mboro ongundabamlonyeni webandla i-Incredible Happenings Church, nendodana yakhe uVincent Motshoeneng nonogada uClement Baloyi, bazohlala ejele izinsuku eziyisishiyagalombili ezizayo.
Lokhu kulandela ukuzama kwabo ukuthumba behlomile abazukulu ababili bakaMboro e-Matshidiso Secondary School e-Katlehong ngoMsombuluko.
INkantolo yeMantshi yase-Palm Ridge ilihlehlisele umhlaka-16 kuNcwaba icala labo.
Ugogo wezingane ozala unina nomalume wezingane badedelwe ngebheyili ka-R1 000, icala labo lahlehliselwa umhlaka-10 kuMandulo. Inkantolo iyalele ukuthi angadalulwa amagama abo ukuze kuvikelwe izingane ezimbili uMboro abezama ukuzithumba.
NgoLwesithathu abasolwa abahlanu okukhona kubo ugogo nomalume bavele enkantolo bebhekene namacala angu-12.
Umfundisi uMboro ubhekene nelokuthumba; uMboro noBaloyi babhekene nelokukhipha isibhamu, ukukhomba ngesibhamu; uMboro noMotshoeneng babhekene nelokuhlasela ngezinsongo; uMboro, uBaloyi, noMotshoeneng babhekene nelokucekelwa phansi kwempahla; uMboro noBaloyi babhekene nelokutholakala nesibhamu, ukutholakala nesibhamu esingavunyelwe kanti futhi uBaloyi ubhekene nelokutholakala nesibhamu, nezikhali eziyingozi.
UMboro uvule amacala okushaya kanye nelokusabisa alivulele ugogo ozala unina wezingane.
Umalume wezingane ubekwe icala lokushaya iphoyisa kanye nokusabisa.
Ingxabano iqale ngesikhathi uMboro ehambisana nonogada nendodana yakhe begasela esikoleni i-Matshidiso Secondary bephethe izikhali obekukhona nesibhamu esi-semi-automatic, befuna kudedelwe abazukulu bakhe ababili abebehlala nogogo wabo ozala unina selokhu unina ashona ngoMbasa.
Izingane sezihleli nogogo wazo ozala uyise.
UMnuz Kgadi Hlalele, oyilungu lomndeni kanina wezingane, uthe akukhona okokuqala uMboro esongela impilo yabo ngezikhali.
“Ngesonto eledlule ngoLwesithathu, uyise wezingane uzikhiphe esikoleni ngesikhathi sesikole ngaphandle kokwazisa ugogo ozinakekelayo.
“NgoLwesihlanu, siye emzini kaMfundisi uMboro siyolanda imishanguzo yabo yezifo ezingalapheki kodwa sahlangabezwa inhlamba, uMboro wasisongela ngocelemba phambi kwamaphoyisa abesiphelezela,” usho kanje.
UHlalele wengeze ngokuthi bakhululekile ngokuthi ugogo ozala unina nomalume badedelwe ngebheyili.
“Abenzanga bugebengu; kuwo wonke amavidiyo, abakaze bahlasele muntu noma baphathe izikhali,” kuqhuba yena.
Osesithombeni ngenhla: Umfundisi Paseka Mboro.
Umthombo: Doreen Mokgolo
