Celani Sikhakhane
Ngesikhathi iMeya yakwaNongoma KwaZulu-Natali imema uFikile Ndaba, ongumfundisi ohlonishwayo, ukuba azokhuluma emhlanganweni womkhuleko wokulwa nodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane (i-GBV), into abengayilindele ukuthi ayisho ukuthi asole abesifazane abahlukunyeziwe.
Kodwa yilokho kanye akwenzile.
UMfundisi Ndaba we-God Mountain Ministry uthuse isixuku sabantu abangaphezu kwabayizi-3 000 ngesikhathi ethi abesifazane yibo abazivumelayo ukuthi babe yizisulu zokuhlukunyezwa.
“Sinenkinga nabesifazane bethu abancane. Abafuni ukulalela. Ubathola bengena bephuma emakhaya ethu befuna amadodana ethu,” kusho uNdaba.
“Bayahluleka ukulalela uma bexwayiswa futhi bathandana namadoda ayingozi. Bese kuthi uma kwenzeka izinto ezimbi bakhale bakhohlwe ukuthi baxwayisiwe”.
UNdaba uphinde wakhala ngabesifazane abasebasha abathandana nabantu abaningi.
“Yilokho okudala umthelela wodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane,” esho, wengeza ngokuthi ungumuntu okhuluma ngqo.
“Ngicela ningixolele. Ngikhuluma izinto zinjengoba zinjalo,” esho.
KwaNongoma enye yezindawo ezikhungethwe kakhulu udlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane ezweni, kanti ezinyangeni ezedlule ibone ukwanda okukhulu emacaleni okudlwengulwa nokubulawa kwabantu.
Abaholi bendawo, iMeya u-Albert Mncwango, bahlele lo mhlangano ukugqamisa lolu daba, nokuthandazela labo abahlukunyeziwe.
Iningi lalabo abebekhona bekungabantu abasinde ekuhlukunyezweni, bekungaba nzima ukuthola umuntu obekhona kulo mhlangano obengathintwanga yilokho.
UMncwango, naye okhulume kulo mbuthano, uthe isimo asisalawuleki.
“Kudingeka uNkulunkulu angenelele kakhulu. Sinxusa bonke abesilisa ukuthi beze ngaphambili bazolekelela ukulwa nalesi sihlava,” esho.
Ngesikhathi ebuzwa mayelana nokuphawula kukaNdaba, uMncwango ukuvumile kodwa waqaphela ukuthi angayivezi imicabango yakhe.
“Siyakuqaphela akushilo. Njengabaholi sikhathazekile ngokubulawa kwabantu besifazane endaweni yethu. Akekho umuntu wesifazane ofanelwe ukubulawa njengoba kwenzeka kule ndawo,” esho.
I-Life Line Organisation elwa nodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane nokho izwakalise ukushaqeka ngenkulumo kaNdaba.
UMqondisi we-Life Line, uSinikiwe Biyela uthe abaholi bamabandla yibona okumele basolwe ngodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane.
“Abesifazane babhekene nesihluku esinjena ngoba baphoqwa ngabaholi bamabandla ukuthi bahlale ebudlelwaneni obubahlukumezayo,” kusho uBiyela.