Dylan Bettencourt
UFunmilayo Adebayo ongumfundisi owaziwa ngelika-“Mummy G.O.” kubalandeli bakhe, ukhiphe izindaba ezithusayo ezithi wabuyiseleka ubuntombi bakhe ngemuva kokuthi enikele impilo yakhe kuNkulunkulu.
Lo mshumayeli ongundabamlonyeni uphinde wazithola esematheni ngemuva kokubamba inkonzo esontweni i-Mountain of Solution e-Ogun State, e-Nigeria, lapho athi umyeni wakhe washaqeka ngenkathi ethola ukuthi sebubuyisiwe ubuntombi bakhe.
U-Adebayo uchazela ibandla lakhe ukuthi ngesikhathi sobusuku bomshado wabo, kwathatha umyeni wakhe isikhathi esingaphezu kwesigamu sehora ukuthi angene kuye.
Uthe sekunesikhathi eside ethandana nomyeni wakhe futhi phambilini bake balwenza ucansi.
“Ngakuthandazela lokhu, uNkulunkulu wangiphendula. Angidlali nawe. Angakwenza nakuwe futhi,” usho kanje.
Lo mshumayeli uqhube wathi kuze kube manje umzimba wakhe usaqinile, wanxusa abazalwane bakhe besifazane ukuthi bathandazele ukuthi uNkulunkulu abenzele lesi simangaliso.
Kodwa-ke, uthi ngenkathi ezinekela ekubeni ngumzwalane – uNkulunkulu wamthathela ubuhle bakhe kanye nokuma kahle kwakhe – wambuyisela ubuntombi bakhe.
Le ndaba ekhexisa umlomo enye yezinganakwane u-Adebayo azitshela ibandla lakhe ngayo ngesikhathini sakhe sokushumayela.
Ngesikhathi uMommy G.O eshumayela ngasekupheleni konyaka odlule, wathi waba nomhlangano noSathane uqobo okuyilokho okwaholela ekutheni adayise izibhamu ne-cocaine.
Uphinde wathi ngalezi zinsuku zobumnyama wayenokhaphethi ondizayo ngaphambi kokuba uNkulunkulu ambophe.
Uphinde waxwayisa abesifazane wathi kuyisono ukugqoka amabhulukwe wathi nalabo abagcoba i-makeup bayinzalo kaJezebel.
“Izinkophe zivela ekhwapheni likaSathane ngakho-ke angeke ungene ezulwini,”
U-Adebayo naye wake waqala uthuthuva emdlalweni webhola, ethi lo mdlalo usetshenziselwa ukuhlanganisa abantu ngaphambi kokuhlwithwa nokuthi labo abajabulela ibhola bangamalungu aphikisana nokristu.
Umthombo wesithombe: @NewsBand