Umfundisi wase-Zambia udlule emhlabeni ngemuva kokuzingcwaba ephila enethemba lokuthi uzovuka kwabafileyo

Arthur Greene

Umfundisi webandla lama-Zion e-Chadiza usedlulile emhlabeni ngemuva kokuba azingcwabe ngamabomu ekuqaleni kwalenyanga ngenhloso yokutshengisa ibandla ukuthi angavuka naye kwabafileyo njengoJesu Kristu.

Umfundisi uJames Sakala ubikwe njengomuntu ubezithemba ukuthi ungenwe imilingo yasezulwini futhi ubenethemba lokhuthi uNkulunkulu uzomvikela.

“Nina eninokholo oluncane ngcwabani uSakara nizobona uzovuka kwabafileyo aphinde aphefumule futhi “utshele abalandeli bebandla lakhe lokho ngaphambi kokuba bamungcwabe.ngokusho kukaMwakilishi.

Ubegqoke izivatho ezimhlophe nama-sleepers, izandla zakhe beziboshiwe ngemuva kokuba ehliswe amalungu ebandla amathathu ethuneni.

Lo mfundisi oneminyaka engama-22 bamushiye emathuneni izinsuku ezintathu ngaphambi kokuba bamugubhe futhi.

USakala oshiye unkosikazi wakhe okhulelwe ungcwatshwe endaweni yakhe yokugcina ekhaya lakhe.

Omunye welungu owamugqiba uziyise emaphoyiseni. Amaphoyisa esifundazwe sase-Eastern asathungatha abanye ababili abegqiba lo mfundisi.

Umthombo wesithombe: @FelixAgola

Izihloko zakamuva