Umfundisi uzibulele ngemuva kokuba unkosikazi anqabe ukuba babuyelane

Everson Luhanga

Ngemuva kokushiya unkosikazi weminyaka engama-30, umfundisi uWilliam Mumba uhlangane nowesifazane abezitshela ukuthi ubambo lwakhe.

Ngemuva kwezinyanga eziyisishiyagalombili umfundisi Mumba oqhamuka e-Malawi uthole ukuthi lolu bambo lwakhe luyamujolela.

Unkosikazi wakhe wanqaba ukuba abuye ngesikhathi esecela ukubuyela ekhaya.

Wase wazibulala.

Incwadi ayibhalele unkosikazi wakhe, izingane zakhe kanye nabadala ebandleni uthe ngiyamuthanda uThula, kodwa uthanda abanye kakhulu. Usuyosalakahle uphile impilo yakho ngendlela ekujabulisa ngayo.

Emndenini wakhe umfundisi ubhale ukuthi uthando lungibulele. Umshado wethu weminyaka engama-30 uGertrude ungalahlile.

Abekubhalele isithandwa sakhe esisha ubhale wathi, kulezi zinyanga eziyisishiyagalombili ezimnandi uThula ungiphoxile. Ngenkathi  ngidinga abangani kakhulu bangihlamukile. Uyiphile kahle impilo yakho uthande abantu. Ungangikhaleli mama ningingcwabe njengesoni niyekele uNkulunkulu uzongixolela.

Uphinde wacela uxolo kuNkulunkulu ngokuthatha impilo yakhe.

Amaphoyisa ase-Northern city eMzuzu aqinisekisile ukufa kukaMumba.

Ubewumfundisi e-Kapirimtende congregation of CCAP Synod of livingstonia. UMumba useke wasebenza njengomfundisi ekolishi lase-Zomba Theological eNyuvesi yase-Livingstonia.

Esikuthola kwabezindaba base-Malawi babika ukuthi indodakazi yakhe uMiliwe Mumba uye e-Kapirimtende ukuyobheka ubaba wakhe ngoLwesihlanu. Wafica amalungu ebandla exoxa ukuthi ulahlekile.

Ngenkathi beya emzini wakhe bamuthola elenga egumbini lakhe phezulu.

Izihloko zakamuva