Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Owesilisa waseKapa uxoshwe ebandleni langakubo ngemuva kokuchazwa njengedemoni wumfundisi.
Ngomhlaka-16 kuNhlangulana owesilisa othandana nobulili obufana nobakhe uhambe eyofuna imali ayeyiboleke umfundisi.
Umgilwa uthe sekuphele izinyanga ezine esonta esontweni.
“Angazi ukuthi kungani kungazelelwe umfundisi nomkakhe bezizwa ngendlela ehlukile ngami,” usho kanje.
Bangitshela ukuthi kufanele ngishintshe noma ngiyeke ukuya esontweni labo.”
Ucele imali yakhe kunkosikazi kamfundisi njengoba engaqondi ukuthi kungani benenkinga naye mathupha kodwa akazange akhathazeke ngokuthatha nokusebenzisa imali ephuma kumuntu onamadimoni.
“Ngihamba ngikhuluma njengendoda. Ngethuka lapho bethi angiyeke ukuya esontweni labo ngoba nginedimoni. Nginqume ukuthi angingalweli ukuhlala ebandleni labo,” kusho isisulu.
“Uma nginedemoni, bekungafanele bathathe imali yami. Ngesikhathi umfundisi nonkosikazi bethi kufanele ngize esontweni ukuze ngizothola imali yami akuzange kungene engqondweni yami ukuthi ngizifaka ogibeni.”
Ngesikhathi efika esontweni, unkosikazi kamfundisi ucele umgilwa ukuba eze phambili kwamalungu ebandla.
“Angikaze ngihlazeke ngale ndlela empilweni yami,” kulanda yena.
“Ngithe uma ngifika epulpiti, unkosikazi kamfundisi waqala ukuqamba amanga ngami, etshela amalungu ebandla ukuthi angiwahloniphi. Wase engishaya ngempama. Benginamahloni futh bekungathi ngingafa.”
Ubuze ukuthi ushaywe lani, nomfundisi kuthiwa wangenelela.
“Bangihlasele amalungu ebandla ebukele. Akekho ongilwele,” kusho umgilwa.
“Angikwazi ukuhlanjalazwa kanje. Ngisabela impilo yami ngoba bangisabise ngokungithumba uma ngibavulele icala.”
UMbhishobhi Zamuxolo Mfihlo webandla i-Apostolic Amen Church ukholelwa ukuthi leli bandla alibhalisiwe.
“Amasonto kufanele ahloniphe imithetho yaseNingizimu Afrika ethi wonke umuntu uyalingana,” kusho uMfihlo.
“Akekho onelungelo lokuphatha abanye abantu kanjalo.”
Isithombe esingenhla: Ifulegi le-pride esontweni.
Umthombo: Generated with AI MidJourney