Celani Sikhakhane
Kusolwa isandla semfene ngengane eshone isezandleni zomfundisi okuthiwa ukhipha amadimoni.
Ngesikhathi amaphoyisa ethola isidumbu sentombazane (17), esishaywe kabi futhi esigcwele amanxeba, umfundisi obemnakekela uthe ushone “ngenxa yemvelo”.
Empeleni kuthiwa ushaye uThozama Sonjica waze washona ngoba ekholwa ukuthi ungenwe amadimoni.
Sekuphele amasonto ambalwa abazali bakaThozama bekhiphe umfundi webanga le-11 ekilasini lakhe esikoleni samabanga aphezulu iBheki, KwaNzimakwe e-Port Shepstone, KwaZulu-Natal, ukuze umfundisi amkhiphe amadimoni.
UThozama ungomunye wamantombazane amahlanu abejwayele ukukhishwa amadimoni ngumfundisi okuthiwa ubewabopha, ewashaya ephinde ewathele ngamanzi anosawoti.
I-Scrolla.Africa siyaqonda ukuthi ngaphambi kokushona kwakhe, uThozama ulandwe kubo ngokomyalelo kamfundisi (40).
Udadewabo wesisulu uPhindile Jula uthe baye kwamfundisi beyobheka ukuthi unjani. Ngesikhathi ebona ukuthi udadewabo uboshiwe futhi ushaywe kanzima, uye wahamba wayofuna usizo.
“Ngifike ekhaya ngabika udaba kodwa akekho omsizile,” kusho uJula.
Unina kaThozama kuthiwa ubejwayele ukuba khona izikhathi eziningi uma ekhishwa amadimoni. Uze waya esikoleni wayotshela othisha bakaThozama ukuthi indodakazi yakhe ngeke iye esikoleni ngoba ikhishwa amadimoni.
I-Phini likathishomkhulu uMnu Nawe Mavundla uthe bashaqekile ngalezi zinsolo ngoba uThozama ubefana nezintanga zakhe.
Lo mfundisi owaziwa i-Scrolla.Africa kuthiwa ufihle imbangela yokushona kukaThozama wabe esetshela amaphoyisa ukuthi ushone ngokwemvelo.
UBrigadier Jay Naicker uthe baqale bavula uphenyo kodwa manje sebewashintshile amacala kwaba ngelokubulala nelokuzama ukubulala. Ukuqinisekisile ukuthi umfundisi useboshiwe.
Izisulu ezine ezisele zihanjiswe emtholampilo wendawo ngaphambi kokuthi zidluliselwe endaweni ephephile nguMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi.
Unina wentombazane eshonile uthe uyazisola ngesinqumo sakhe sokuvumela ukuthi ingane yakhe ikhishwe amadimoni.
UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uNksz Nonhlanhla Khoza, uvakashele lo mndeni wabonga abahlengikazi basemtholampilo wendawo ngokwelapha ezinye izisulu.