Lungani Zungu
Obekufanele kube umcimbi wokuhlanzwa nokukhuleka kuphenduke kwaba kubi ngemuva kokuthi umfundisi wamaZayoni eminze e-Verulam enyakatho yeTheku.
Isidumbu sikaMbongeni Ngcobo oneminyaka engama-45, sitholwe ngamaphoyisa abethungatha asitakule olwandle lwase-La Mercy enyakatho yeTheku, ngoMgqibelo.
UThabo Mkhize, umzalwane obephakathi kwabanye abayishumi nanye abebekulo mcimbi ulandise ngemininingwane ethusayo ngalobu busuku obubuhlungu.
“Le bekuyinto ebuhlungu kunazo zonke engake ngazibona empilweni yami. Bekufana nebhayisikobho kimi.”
UMkhize uthe ukukhala kosizi kukaNgcobo efuna usizo kusamhlupha namanje.
“Kunzima ukulala ebusuku kulandela lesi sigameko. Lesi siqephu esibuhlungu siyohlala sidlala emqondweni wami.”
UMkhize uthe konke bekuhamba kahle ngesikhathi befika bezokwenza umcimbi wokuhlanzwa.
“Kodwa kuthe uma siqala umcimbi wokuhlanzwa, izinto zajika zaba zimbi ngesikhathi kushintsha umsinga. Sonke besinovalo futhi saphelelwa ngamazwi ngoba besibona ukuthi igagasi likhulu.”
Umpristi ubethandaza ngesikhathi eminza.
Abanye babuthene baphuma emanzini babuka, bengakwazi ukusiza ngesikhathi uNgcobo egwiliza ecela usizo.
“Le bekuyinto ebuhlungu kakhulu ukuyibuka. Sithukile futhi sahlukumezeka kakhulu ngesikhathi sibona le nto iyenzeka phambi kwethu.”
UMkhize uthe ubesanda kuba yingxenye yaleli sonto futhi imininingwane ngempilo yalo mfundisi ubengeyazi.
Unkosikazi kaNgcobo obedabukile wenqabile ukukhuluma.
“Sicela nisinikeze isikhathi sokumzilela. Sizokwazi ukukhuluma ngokuhamba kwesikhathi uma sizizwa sesingcono kancane,” kusho yena.
Amalungu ophiko lwe-Reaction Unit of South Africa (Rusa), yiwona afike kuqala endaweni yesigameko.
URusa uthe ngokusho kukankosikazi walo mfundisi, umkhuleko bekulindeleke ukuthi wenziwe e-Intaphuka, eNdwedwe kodwa watshela iqembu ukuthi liye olwandle ngemuva kokuthi ebe “nombono” kaMoya oNgcwele.
Amaphoyisa esifundazwe aliqinisekisile leli cala athi kuvulwe idokodo lophenyo.
Isithombe: The North Coast Courier