Umfundisi ugwetshwe eyisikhombisa ngelokudlwengula

Joseph Chirume

Umfundisi uLuthando Matodlana owasungula ibandla elinamandla i-God is Love Ministry ugwetshwe iminyaka eyisikhombisa ngecala lokudlwengula indoda ahlangana nayo ku-Mxit ngo-2013.

Isisulu, ngaleso sikhathi (22), sadlwengulwa nguMfundisi uMatodlana (34), egumbini laso e-Motherwell, e-Gqeberha.

Lesi sigameko sokudlwengula senzeka eminyakeni emithathu ngaphambi kokuthi uMatodlana asungule i-God is Love ngo-2016, esikhule yaba ngamagatsha angu-14 e-Eastern Cape.

Lo mfundisi uboshwe ngemuva kokuthi isisulu sakhe sithumele ubufakazi obude mayelana nokudlwengulwa kwaso ekhasini laso le-Facebook, nalapho esithe siyazabalaza ukululama.

Lo mbhalo wenze ukuthi abangani besisulu besikhuthaze ukuthi sibike leli cala emaphoyiseni.

Lokhu akwehlanga kahle kuMatodlana, owasabisa isisulu ngokuthi sisuse umbhalo kungenjalo sizobhekane necala.

Isisulu siphinde sathola izinsongo, okwakunzima kakhulu kwaze kwadingeka ukuthi sishiye ikhaya laso siyobhaca endaweni kamzala waso. Isisulu sigcine sivule icala lokudlwengula, umsolwa waboshwa ngomhlaka 1 kuMfumfu ngo-2020.

UMatodlana ugwetshwe ngoLwesine yiMantshi u-Audrey Mashigo eNkantolo yeMantshi yase-Motherwell.

“Ukudlwengula sekuphenduke umdlalo e-Motherwell. Leli yicala elibucayi ngoba lenziwe kwilungu lomphakathi we-LGBT kanti lo mphakathi uvame ukubukelwa phansi. Kunesidingo sokuvikela lo mphakathi. Banelungelo lokuzizwa bephephile noma yikuphi lapho bekhona. Ukudlwengula kuyisigameko esibuhlungu kakhulu,” kusho uMashigo etshela inkantolo.

Ngesikhathi kuqulwa icala uMatodlana utshele inkantolo ukuthi bavumelana ukuya ocansini kanti isisulu sithandana nabobulili obufanayo ngakho besizama ukumqola izizumbulu zemali.

UMashigo echaza ukuthi kungani egwebe uMatodlana iminyaka eyisikhombisa, iminyaka emithathu ngaphansi kweminyaka eyishumi, uthe ummangalelwa akakaze enze elinye icala.

Uthe ubeyilungu lomphakathi elijwayelekile ngaphambi kokusungula ibandla lakhe ngo-2016.

Uthe useshintshe impilo yakhe ngemuva kokusungula ibandla lakhe futhi ubesiza amalungu omphakathi ancishwe amathuba.

Izihloko zakamuva