Elmon Tshikhudo
Abefundisi bebephethe izinkonzo zesonto kwi-intanethi ngenxa yomvalelo – kodwa hhayi lo mfundisi wase-Sibasa e-Thohoyandou.
NgeSonto, u-Innocent Muritho nabangani bakhe bebematasa bephuza beziqhayisa ngezenzo zabo zocansi ezinkundleni zokuxhumana.
Lo mfundisi ozibiza ngomuntu ongumsunguli we-Faith of Talitha Koum Ministry onabalandeli abaningi nendlunkulu yakhe ese-Sibasa uzifake enkingeni nebandla lakhe ngemuva kokufaka uchungechunge lwamavidiyo ku-inthanethi. Umfundisi ubonakala edakiwe.
Kodwa umfundisi ulahlwe ngamalungu ebandla lakhe nomphakathi.
Lo mfundisi, ojabulela impilo emnandi nezimoto eziwubukhazikhazi, ubhale isixoliso ekhasini lakhe ku-Facebook elacishwa ngokushesha kodwa hhayi ngaphambi kokuthi abalandeli bakhe bakwazi ukuthatha izithombe zokuxolisa.
Uphinde wafaka ukuxolisa okuphelele ekhasini lakhe ku-Facebook ngoMsombuluko.
Ekuxoliseni kwakhe uthe wahlukumezeka kakhulu futhi wayenengcindezi.
“Ngeshwa ngenze izinto ngendlela engamukeleki kunoma ngubani kini,” esho.
“Ngiyaxolisa ngesibonelo esibi engisibekile. Ngiyaxolisa kakhulu ngezimo ezinibangele amahloni nokuphoxeka kini nonke.”
Uthe wabanjwa ngomzuzu wobuthakathaka lapho enza khona izinto obekungafanele azenze.
Usihlalo we-Vhembe Pastors Forum, uDkt Alunamutwe Randitsheni uthe ukuziphatha kwabaprofethi abazimele kuletha isonto ehlazweni.
“Siyazi ngezinto ezingajwayelekile ezenzeka kule minyango kodwa akukho esingakwenza njengoba bengewona amalungu ethu,” kusho uRanditsheni.
Ucingo lukaMuritho luphendulwe ngowesifazane ozibize ngomsizi wakhe.
“Lo mprofethi umatasa futhi ngeke akwazi ukwenza i-interview,” esho ngaphambi kokuvala ucingo.