
Kabelo Tlhabanelo
Lo wesifazane wahehwa ngesethembiso sokuba ngumnakekeli wengane yomfundisi – kodwa kunalokho kuthiwa wagcinwa eyisiboshwa wadlwengulwa ngokuphindelela izinsuku ezimbili nobusuku obubili.
Lo mfundisi isonto lakhe elizinze e-Bloemfontein waboshwa wabekwa icala lokudlwengula nokushushumbisa abantu.
Ngokusho kokhulumela oKlebe e-Free State uKaputeni uChristopher Singo umfundisi uthe ubedinga ukuthi lo wesifazane amgadele indodana yakhe ngoba yena ubeya enkonzweni e-Thaba-Nchu.
Kodwa akazange aye enkonzweni ngoLwesihlanu.
Lapho lo wesifazane oneminyaka engama-32, ofuna umsebenzi, eqala ukunakekela indodana yomfundisi eneminyaka emine ubudala, usizi lwakhe lwaqala.
Wayengenawo umakhalekhukhwini futhi kwadingeka ukuthi alinde ukuthola umakhalekhukhwini wabiza amaphoyisa.
NgeSonto, lo wesifazane ukwazile ukubaleka endlini okusolwa ukuthi ngeyongumdlwenguli e-Lakeview Bloemspruit. Wakwazi ukuphuma ngesinyenyela nengane kamfundisi kanye nomakhalekhukhwini kamfundisi wagijima ngokukhulu ukushesha ngesikhathi efonela i-Bloemfontein Police’s Flying Squad.
Walinda egalaji likaphethiloli ukuze asindiswe.
UKaputeni uSingo uthe amaphoyisa athole lo wesifazane ahamba naye aya endlini lapho afice khona umfundisi.
USingo uthe akenzanga lutho olubi ngokubaleka nengane.
“Umfundisi utholakale endlini waboshwa,” esho.
USingo uthe kutholakale nemoto eyebiwe egcekeni.
Umfundisi ubhekene namacala okudlwengula, ukushushumbisa umuntu nokutholakala nemoto eyebiwe.
“Uzovela ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yase-Bloemfontein ngoLwesithathu,” kusho uSingo.