Umfundisi ongusaziwayo namacala okuhlukumeza ngokocansi 

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Uvele eNkantolo yeMantshi yaseBenoni ngoLwesihlanu umfundisi odumile waseDaveyton lapho ebhekane khona namacala amathathu okunukubeza ngokocansi nelilodwa lokudlwengula.

Angeke lidalulwe igama lakhe njengoba engakabekwa macala ngokusemthethweni enkantolo.

Lezi zinsolo zisukela ngo-2003 kodwa kwaze kwaba nguNhlolanja lapho izisulu ezine zathola isibindi esanele sokubikela amaphoyisa ngodaba ngemva kokuba abaholi bebandla behlulekile ukuxazulula izinkinga zabo.

Isisulu esahlukunyezwa ngo-2003 sineminyaka engu-24 ubudala, sitshele i-Scrolla.Africa ukuthi sasimthemba umfundisi futhi simthatha njengobaba. Ubaba wakhe kanye nomfundisi babengabasunguli bebandla.

“Ngaleso sikhathi wamenywa umama ukuthi angikhulekele njengoba bengigula futhi ngibhekene nezinkinga empilweni yami. Kunalokho, wangihlukumeza. Ngesikhathi ngitshela unkosikazi wakhe wangitshela ukuthi sengimdala manje kumele ngazi ukuthi ngenzenjani ngalokho,” kusho yena.

“Abanye abaholi besifazane bebandla bashaqekile ukuthi usahlukumeza abesifazane okukhomba ukuthi babezazi kahle izenzo zakhe. Kodwa bancamela ukushumayela intethelelo kunokuba bambeke icala.”

Isishoshovu sobuKristu uSolomon Izang Ashoms, osiza izisulu ekuvuleleni umfundisi amacala, uthe isisulu esasisebenza ehhovisi likamfundisi samtshela ukuthi umfundisi wayesinukubeze ngokocansi eminyakeni engu-12 edlule.

“Nakuba isisulu sasihlukumezekile kodwa sasingenabo ubufakazi bokweseka izinsolo uma sivula icala. Eminyakeni embalwa edlule ngathintwa esinye isisulu esaqopha ividiyo, abanye abaningi beza badalula ukuthi nabo bayizisulu,” usho kanje.

“Kuze kube yimanje sinezisulu eziyishumi kanti abane asebevule amacala. Abaningi bayesaba ukuhlukunyezwa njengoba umfundisi enamandla futhi enethonya.”

U-Ashoms uthe bafunela ubulungiswa izisulu.

Okhulumela amaphoyisa e-SAPS eGauteng uColonel Noxolo Khweza ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aphenya amacala okunukubeza ngokocansi abhekene nomfundisi.

Icala lihlehliselwe umhlaka-10 kuNhlaba ukuze kuqhutshekwe nophenyo kanti umfundisi ungaphandle ngebheyili ka-R1 000.

Ngesikhathi i-Scrolla.Africa icela ukuphawula kubaholi baleli bandla, banqabile bathi baphoqeleke ukuthi basayine isivumelwano esibavimba ukuthi bakhulume nabezindaba noma baphawule ngalolu daba.

Isithombe esingenhla: USolomon Izang Ashoms.

Umthombo wesithombe: Doreen Mokgolo

Izihloko zakamuva