Umfundisi ongumdlwenguli ubekhokhela izisulu zakhe ikhulu lamarandi ukuze zithenge iphilisi lokuvikela inzalo

Doreen Mokgolo

Umfundisi wase-Ekhurhuleni usolwa ngokudlwengula amalungu esonto amabili abesifazane ngemuva kokuwabizela “emithandazweni yakhe yangasese”.

Lo mfundisi oneminyaka engama-32 ubudala wesonto elithile e-Tsakani kusolwa ukuthi unike laba besifazane ababili abaneminyaka engama-21, ikhulu lamarandi umuntu ngamunye ukuthi bathenge amaphilisi ukuvimbela ukuthi bakhulelwe.

Laba besifazane ababili kuthiwa batshelwe ngumfundisi ukuthi badinga izikhathi zokuthandaza ngasese ukuze baphumelele ngokomoya futhi abasize ukuvula izibusiso zabo.

Kuzona zombili lezi zigameko, umfundisi unukubeze izisulu ngaphambi kokuzidlwengula ngaphandle kokusebenzisa ijazi lomkhwenyana.

Omunye wezisulu utshele i-Scrolla.Africa ukuthi wethuka ngenkathi umfundisi eqala ukumthinta ngendlela engafanele.

“Ngivele ngabanda, kodwa ungitshele ukuthi ngingasabi ngenkathi engikhumula,” esho.

“Ngenkathi eseqedile ungitshele ukuthi ngingatsheli muntu ngalokhu ngoba akekho ozongikholwa ukudlula yena esontweni”.

Ngenxa yokusaba, isisulu asitshelanga muntu ngobunzima baso. Kodwa-ke, ngesikhathi sizwa ukuthi umfundisi ubehlukumeza nabanye besifazane esontweni, uzizwe ephoqelekile ukuthi akhulume.

Umfundisi uboshwe ngoLwesibili.

Okhulumela amaphoyisa ase-Tsakani, uSayitsheni Lerato Mngomezulu ukuqinisekisile ukuthi umsolwa uboshwe ngoLwesibili uphiko lwamacala i-Springs Family Child and Sexual ngamacala amabili okudlwengula.

“Umsolwa uzovela eNkantolo yeMantshi yase-Tsakani kungekudala,” esho.

UBrian Sithole we-One Strong Voice Foundation, okuyinhlangano yomphakathi elwa ne-GBV e-EKurhuleni, uthe bayazigxeka izenzo zodlame nokudlwengula emphakathini.

Uthe lokhu okwenzekile kufakazela ukuthi abantu abathenjiwe ukuthi bangabavikeli babesifazane nezingane bavame ukusolwa ngodlame locansi.

“Sinxusa abomthetho ukuthi basuse abenzi bokubi emphakathini ukuze bafundiswe isifundo esinzima,” esho.

Izihloko zakamuva