Linda Ximba
Umfundisi odumile kumabonakude uMfundisi uEnock Phiri ugcinwe esitokisini ngezinsolo zokucekela phansi impahla yalowo owayengunkosikazi wakhe, uBusisiwe Phiri, kanye nokusabisa izingane zabo ezimbili.
Ngokwesitatimende esifungelwe esenziwe nguBusisiwe, nesibonwe i-Scrolla.Africa, lesi sigameko senzeke ngeSonto.
UMfundisi uPhiri, ongumsunguli we-Restoration House Ministries e-Soweto, wahlukanisa nomkakhe ngonyaka odlule ngemuva kweminyaka eyi-18 beshadile.
Ngokwesitatimende esenziwe uBusisiwe emaphoyiseni, ufice owayengumyeni wakhe epake imoto ngaphandle lapho ahlala khona e-Protea Glen Ext 11 eGoli ntambama.
Ngenxa yokuthi imoto yakhe ibivimbe eyakhe ingakwazi ukungena, uBusisiwe uphume emotweni yakhe wabuza owayengumyeni wakhe ukuthi wenzani lapho ahlala khona.
“Ngimshiye ngasesangweni ngangena ngaphakathi egcekeni. Ngazise indodakazi yami ngemoto kababa wakhe evimbe isango,” kufundeka isitatimende sikaBusiswe.
“Kamuva emini, ukwazile ukungena wamemeza futhi wathuka izingane. Uthe uyagodola wacela ingubo. Ngimxwayise ukuba ayeke akwenzayo. Ube eseqhubeka nokubulala umnyango ngesitini,” kusho uBusisiwe.
UBusisiwe nezingane babe sebephuma endlini baya esiteshini samaphoyisa e-Mondeor bayovulela uMfundisi uPhiri icala.
Lo Mfundisi ongumethuli wohlelo lwakumabonakude i-Taking Dominion esiteshini se-DStv i-TBN, waba sematheni ngesikhathi kusabalala ividiyo yakhe edansela ingoma kaKaryn White ethi-“I’d Rather be Alone” ngemuva nje kwesihlukaniso somshado.
Okhulumela amaphoyisa aseGoli uColonel Mavela Masondo uthe umsolwa oneminyaka engama-47 uboshwe ngeSonto wabekwa icala lokucekela phansi impahla.
Kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yase-Booysens ngoLwesibili lomhla ziyisikhombisa kuMandulo ngowezi-2021.