Lubhalwe nguRorisang Modiba
- Umsakazi wohlelo lwezenkolo kuMhlobo Wenene FM uNomonde Vakalisa ushona eneminyaka engu-47 ngemuva kokugula.
- Ubebuye abe ngumfundisi webandla lakhe e-Eastern Cape.
Umsakazi odumile woMhlobo Wenene FM nobephinde abe ngumfundisi uNomonde Vakalisa ushonile ngemuva kokugula isikhashana.
Lezi zindaba ezibuhlungu zivele ngoLwesithathu ekuseni ohlelweni lwalo msakazo lukaKhanya Gqiyazana olwenziwe umphathi wakwa-SABC uLoyiso Bala.
UVakalisa (47) uthinte izimpilo eziningi ngomsebenzi wakhe wezinhlelo zezenkolo kulo msakazo. Ubuye wahola ibandla i-Thy Will Ministries e-Gqeberha.
Umndeni wakhe odabukile ungene kuFacebook wabhala wathi: “Kungokudabukisa okukhulu ukuthi simemezela ukudlula emhlabeni kukaMfundisi wethu esimthandayo uNomonde Vakalisa, obehola ngokwethembeka ibandla i-Thy Will Ministries Gqeberha,” kufundeka umbhalo.
Bamuncoma “njengenceku kaNkulunkulu ezinikele, umholi onothando, nobenogqozi kubo bonke abebemazi.
Maduze umndeni uzokwazisa ngemininingwane mayelana nomngcwabo wakhe kanye nenkonzo yakhe yesikhumbuzo.
Esithombeni esingenhla: UNomonde Vakalisa.
Umthombo wesithombe: Instagram