Umfundisi nowakwakhe bathathele amalungu ebandla umshwalensi wezigidi ngenhloso yokubabulala

Kamogelo Muvhenzhe

Indlovukazi ebizwa ngombulali womshwalensi, uRosemary Ndlovu, ithuse izwe ngesikhathi eboshwa ngemuva kokulahlwa icala lokubulala amalungu omndeni wakhe ukuze akhokhelwe umshwalensi. 

Ngenyanga edlule umfundisi uMelisizwe Monqo oneminyaka engama-32 nonkosikazi wakhe uSiphosihle Pamba oneminyaka engama-26, balahlwe icala ngamacala afanayo.

Uma ukude kwakubukeka sengathi lezi zithandani ziphethe ibandla elinempumelelo ngendlela emangalisayo, namalungu angamakhulu.

Kodwa abazalwane ababengakwazi ukuthi abaholi babo abazigcoba, babebona isu lokwenza imali.

Laba bashadikazi bathatha umshwalensi wempilo kanye nowomncwabo oyizigidi ezi-26.9 zamarandi egameni lamalungu ebandla ngaphandle kokuwazisa ngenhloso yokuwabulala nokuhlomula ekukhokhweni komshwalensi.

Bagcine beboshwa ngoNtulikazi ngonyaka wezi-2018 ngemuva kokubulala ilungu lebandla labo, uHlompho Mohapi owayeneminyaka engama-25 ubudala ababemthathele umshwalensi obiza izigidi ezintathu zamarandi ngaphambi nje kokubulawa kwakhe.

Watholwa eseshonile namanxeba okugwazwa ayisikhombisa, waze wayonqunywa ngisho uqhoqhoqho ngumfundisi uMonqo nomzala wakhe uPhumlani Qhusheka ngemuva kokuba bemuhehe ngesithembiso somsebenzi esikhumulweni sezindiza e-George.

Kumazwi aqoshiwe, uPamba uzwakala ebiza inkampani yomshwalense ezenza uMohapi futhi ethatha umshwalensi.

Kokunye okuqoshiwe uMonqo wafonela inkampani yomshwalense ezinsukwini ezimbalwa ngemuva kokubulawa kukaMohapi efuna umshwalensi, wazenza isoka lalona wesifazane.

I-National Prosecuting Authority (NPA) itshele i-George Herald ukuthi imishwalense yempilo yathathwa egameni likaNomfundiso Booi, u-Anelisa Xhotyeni, uBulelwa Sihawu noMohapi, bonke abangamalungu e-God’s Work International Ministries.

Okhulumela i-NPA e-Western Cape, u-Eric Ntabazalila uthe izisulu ebezingaqaphile zifakwe kumshwalensi we-Assupol, Liberty Life, i-1 Life Insurance, i-Cliente Life kanye ne-Discovery. Ummangalelwa wayezothola imali elinganiselwa kwizigidi ezi-26.9 zamarandi kulamapholisi.

Ngesikhathi kuqhubeka icala ngoNhlolanja, ofakazi ababili bathula ubufakazi bokuthi umfundisi wazama ukubulala uNomfundiso Booi okungenani izikhathi ezintathu.

Ufakazi wombuso, inkabi eneminyaka engama-20, owaqashelwa ukubulala uBooi, ubengumshayeli wesonto likaMonqo.

UBooi wagwazwa amanxeba amaningi kodwa wasinda kulokhu kuhlaselwa wahlala amasonto esibhedlela.

Umfundisi walahlwa icala lokubulala uMohapi namanye angama-24 okubalwa awokubamba inkunzi esebenzisa isihluku, elokushaya ngenhloso yokulimaza, ukugqekeza ngenhloso yokubulala, ukutholakala nesibhamu esingekho emthethweni, ukutholakala nezinhlamvu ezingekho emthethweni namanye ayi-13 okukhwabanisa.

Ugwetshwe udilikajele neminyaka engama-252, kwathi umkakhe uPamba yena wagwetshwa iminyaka engama-20 ebhadla ejele, ijaji uTashwell Papier lathi iphambukile kwisigwebo abanikeza sona ngoba naye uyisisulu sikaMonqo.

UQhusheka uthole udilikajele neminyaka engama-63 ebhadla ejele.

I-NPA ithe inkabi  nomfundisi abakaze bakhombise ukuzisola ngesikhathi kuqhubeka icala. 

Izihloko zakamuva