Umfundi(15) udubule wabulala omunye umfundi bebuya kwezemidlalo

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

  • Umfana oneminyaka engu-15 ubudala udubule wabulala ingane yesikole eneminyaka engu-13 ubudala ngemuva kokweba isibhamu endlini.
  • Izikhulu zemfundo zeluleka ngokwengqondo  abafundi nothisha ababone lesi sigameko sokudubula.

Uboshiwe umfana(15), ngecala lokubulala afunda naye,(13), eLibode, e-Eastern Cape, ngemuva kokweba isibhamu emzini othile.

Lesi sigameko sokudubula senzeke ngo-3.30 ntambama ngoLwesithathu ngesikhathi abafundi basesikoleni samabanga aphezulu iBensile Junior eSibangweni bephuma kwezemidlalo.

Ukaputeni u Welile Matyolo wamaphoyisa uthe umufi uphuthunyiswe esibhedlela kodwa washona ngenxa yenxeba lokudutshulwa.

“Kusolakala ukuthi umsolwa wesilisa oneminyaka engu-15 ubudala weba isibhamu emzini othile ngalolo suku lwenhlekelele kwavulwa necala lokugqekeza endaweni ehlala abantu,” usho kanje.

UMatyolo uthe umnikazi wesibhamu angase abekwe icala. Amaphoyisa avulele lo mfana osemncane  icala lokubulala.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo e-Eastern Cape, uMalibongwe Mtima, uthe isigameko sokudubula senzeke ngesikhathi  kuphela umhlangano we-circuit Athletics.

“Yebo, abafundi besikole esisodwa badubule omunye umfundi, umufi uphuthunyiswe esibhedlela sendawo lapho engeniswe khona, ngebhadi washona ngalobo busuku,” usho kanje.

“Ngakho-ke isifunda sabikela imindeni ngalesi sigameko kanti nabezimo eziphuthumayo sebeqalile ukusiza ngokwelulekwa ngokwengqondo kanye nokubikelwa labo ababone lesi sigameko, imindeni kanye nothisha. Sidlulisa amazwi enduduzo emndenini oshonelwe.”

Amaphoyisa awakazi ukuthi kungani kwenzeke lesi sigameko.

Isithombe esingenhla: Amalambu amaphoyisa.

Umthombo: Ifayela

Izihloko zakamuva