Elmon Tshikhudo
Omunye wabafundi bakamatikuletsheni abenze kahle kuleli uxwayise abafunda bakamatikuletsheni walonyaka ukuthi kumele bakhohlwe yizimpelasonto namaholidi uma befuna ukuphuma phambili ekupheleni konyaka.
UDelicia Davhana oneminyaka engu-18, ofunda esikoleni samabanga aphezulu i-Thohoyandou kanye noDichochi Ramatlou, baqokwe njengabafundi bakamatikuletsheni abaphumelele kakhulu ezweni.
Laba bafundi ababili base-Limpopo bamenywe ukuba babe izimenywa ezikhethekile zikaNgqongqoshe Wezemfundo Eyisisekelo u-Angie Motshekga emcimbini wokumenyezelwa ngokusemthethweni kwemiphumela kamatikuletsheni yango-2021.
Lo mfundi ozithobile wasemakhaya e-Vuwani kumasipala waseCollins Chabane ubechichima injabulo ngaphambi kokumenyezelwa kwemiphumela ngokusemthethweni.
Manje uDelicia uzimisele ngokuthola isikhala eNyuvesi yaseKapa ukuze enze iziqu ze-Electrical and Computer Engineering.
“Ubumkhulu umsebenzi esingawenzanga kwibanga le-11 futhi bekudingeka ukuthi ngisebenze kanzima ukuze ngikwazi ukubhekana nayo yonke into”, echazela i-Scrolla.Africa.
“Kuke kwaba nezikhathi lapho engangibona sengathi kuzoba nzima ukuthi ngifeze amaphupho ami kodwa ngabekezela. Ngosizo lothisha bami ngikwazile ukuphumelela kulokhu”.
UDelicia uphinde wathi ubhubhane lwe-Covid-19 lwethule esinye isithiyo esibe nomthelela omubi emfundweni yakhe. Uthe njengoba bekungafundwa ngendlela ejwayelekile, uye waqala izinhlelo ezahlukene wafunda ngezinye izindlela, njengokufunda ngamaqembu ku-WhatsApp.
“Kulabo abenza umatikuletsheni kulo nyaka, kuqala manje ekuqaleni konyaka, khohlwani ukuzilibazisa ngezimpelasonto nangamaholidi nigxile emsebenzini wenu, sebenzisani isikhathi senu ngokugcwele niphinde nibuze othisha benu lapho eningaqondi khona.ukuze uzophumelela,” kweluleka uDelicia.
Umama wakhe uGumani obemphelezele emiklomelweni akakwazanga ukufihla injabulo yakhe.
“Ngiziqhenya kakhulu ngaye nangempumelelo yakhe!” ebabaza.