Arthur Greene
Njengoba amanyuvesi aphezulu emhlabeni elwela ukuphonsa imifundaze egcwele kuye, kufanelekile ukusho ukuthi uVictory Yinka-Banjo uphethe umhlaba ngezandla zakhe.
Lo mfundi oneminyaka eyi-17 ubudala ophothule esikoleni esiphakeme unikezwe imifundaze ngamanyuvesi ayi-19 aqhamuka eMelika nase-Canada, okuyisamba semali engaphezu kwezigidi ezingama- $ 5 (R72 million) yokufunda.
“Kusazwakala kungakholakali. Ngafaka isicelo ezikoleni eziningi kakhulu ngoba bengingacabangi nokuthi kukhona isikole esizongamukela,” kusho uVictory etshela abe-CNN.
Abagcinanga ngokumamukela, manje sebelwa ngamazinyo nezinzipho ukuze babe inyuvesi akhetha ukuyofunda kuyo.
UVictory wanikezwa imifundaze egcwele ezivela ezikoleni ze-Ivy League, emanyuvesi aphezulu eMelika: i-Yale College, i-University of Princeton, i-Harvard College, nase-Brown University, phakathi kwabanye.
Le ntombazanyana ehlakaniphile ithe le mifundaze “ingenza ngiziqhenye, ngimamatheke kakhulu, futhi ngizishaye emhlane kaningi.”
Esikoleni samabanga aphakeme, uVictory wayeyinduna ephakeme kanye nenhloko yabafundi. Wenze izindaba zikazwelonke ngasekuqaleni konyaka ngemuva kokuphasa ngamalengiso kwi-West African Senior School Certificate Examination.
Waphinde wamenyezelwa njenge- “Top in the World” ngesiNgisi njengolimi lwesibili yi-University of Cambridge International Examination, futhi wathola amamaki abangu-1% emhlabeni kuma-SATs akhe, iziqu ezisezingeni eliphakeme laseMelika.
Lokhu kungamanqampunqampu nje ohlwini lwempumelelo yezifundo eziningi kakhulu ukuthi zingabalwa ngokugcwele asezihlomulile, ezibandakanya nemiklomelo emincintiswaneni yama-eseyi neyesayensi, ukuthuthukiswa kohlelo lokusebenza lweselula nemicimbi yokukhuluma emphakathini.
UVictory kusamele anqume ukuthi uzoya kuyiphi inyuvesi, futhi uthi usacwaninga isifundo ngasinye kahle.
Okwamanje akazi ukuthi ufuna ukufunda ini. Uthi ucabanga i-Bioinformatics ne-computer science, kodwa uncike kwi-Computational Biology.