Kamogelo Olaitan
Umfundi osemncane waKwaZulu-Natal owenza izifundo zobudokotela eMelika uqokelwe umklomelo we-Chegg.org Global Student Prize wokukhulisa ososayensi abasebasha.
U-Iziphozonke Mlambo oneminyaka engu-19 wase-Newcastle ufinyelele kwabangu-50 abahamba phambili waqokwa cishe kwabangu-7 000 abaqokwe nezicelo ezivela emazweni angu-150.
Lo mklomelo ka-R1.7 million utholwa minyaka yonke futhi unikezwa umfundi ovelele ophinde abe nomthelela omkhulu ekufundeni, ezimpilweni zontanga bakhe kanye nasemphakathini.
Njengamanje uMlambo wenza izifundo ze-human biology eNyuvesi ebizwa nge-Biola ese-California.
Ukhuliswe nabanye abayisikhombisa bondliwa ngumalume wakhe okhubazekile waphasa umatikuletsheni ngamalengiso esikoleni samabanga aphezulu e-Newcastle
Ifayela yakhe ku-Global Student Portal ikhombisa ukuthi lona osemusha wayenenkinga yamasosha akhe omzimba ehlezi ebuthakathaka futhi wayehlale engena ephuma esibhedlela. Lokhu kwamkhuthaza ukuba abe udokotela.
Wasungula ngokuhlanganyela i-Science Buddies inhlangano engenzi nzuzo ekhulisa ososayensi abasebasha ngokubanikeza ithuba lokubamba iqhaza emiqhudelwaneni yesayensi yomhlaba wonke kanye nemincintiswano okuyilapho okubanikeze ukufinyelela kwabeluleki abangochwepheshe.
Kuze kube manje i-Science Buddies isifinyelele kubafundi abaningi abavela ezizindeni ezihlukene futhi sebexhumene nabeluleki abangaphezu kuka-50 iphinde ibe nemibukiso yesayensi engaphezu kwengu-15 emiphakathini kanye nemiqhudelwano emhlabeni wonke.
UMlambo useke wamela elakuleki emiqhudelwaneni eminingi yamazwe ngamazwe kanye nemibukiso kuyo yonke isayensi.
Waqokwa njengesikhulumi se-SA Junior Public Speaker of the year ngo-2018 futhi njengamanje ungomunye wamalungu aphezulu e-African Students Association eNyuvesi i-Biola.
Abayishumi abahamba phambili bazomenyezelwa ngoNcwaba futhi ophumelele uzokhethwa i-Global Student Prize Academy.
Isikhulu esiphezulu se-Chegg uDan Rosensweig uthe selokhu wethulwa umklomelo we-Global Student Prize unikeze abafundi emhlabeni wonke ithuba lokwabelana ngezindaba zabo, baxhumane bodwa, futhi bafinyelele kubagqugquzeli bezemfundo nokunye.
“Njengamanje abafundi abafana no-Iziphozonke kumele kuxoxwe ngabo futhi nemibono yabo izwakale,” kusho uRosensweig.
Ophumelele ngonyaka odlule kwaba uJeremiah Thoronka umfundi oneminyaka engu-21 wase-Sierra Leone owasungula uhlelo olubizwa nge-Optim Energy oluguqula ukudlikiza okuvela ezimotweni kanye nokusiza ama-pedestrian emgwaqeni.