Lubhalwe nguNothando Makhubela
Abafundi abenza ibanga leshumi nanye esikoleni samabanga aphezulu e-Hoërskool, e-Kriel Emalahleni, banqabile ukubhala izivivinyo zabo ngoLwesibili befuna ubulungiswa ngomfundi ozibulele uBafana Sithole.
USithole obeneminyaka engu-17 ubudala waseThubelihle e-Kriel, Emalahleni uzibulele ngoLwesine ngomhlaka-17 kuLwezi ngemuva kwesikhashana eqede ukubhala iphepha lakhe lezibalo.
Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi uBafana esolwe ngokudlwengula u-Amandle Ndimandze, intombazane efunda ibanga lesishiyagalolunye esikoleni sakhe. Ibe lentombazane isizihoxisa izinsolo zayo yathi ibidlala.
NgoLwesibili ekuseni abafundi abebezobhala izivivinyo zabo zephepha lesiNgisi babhikishe ngaphandle kwamagceke esikole befuna ubulungiswa ngoSithole ozibulele ngenxa yokuqanjelwa amanga.
USithole ozilengise ngothayi wesikole obomvu utholwe endaweni yokugcina izinto ekilasini eseshonile.
UbenguMengameli wabafundi kanti futhi kunencwadi ayishiyile eyibhalele unina.
Encwadini ubhale ukuthi: “Mama uma usufunda le ncwadi kobe kusho ukuthi angisekho.
“Ngenzeni ukuze angizonde kanje? Sengihambile. Sengathi angangixolela ngengakwenza kuye kodwa angizange ngimdlwengule. Angiyena umdlwenguli.”
Umngani kaSithole afunda naye esikoleni uNelly Ndebele umchaze njengomfana obezothile oziphethe kahle okhaliphile nothanda umculo.
“Kubuhlungu kakhulu ukulahlekelwa nguyena kanje,” uNdebele etshela i-Scrolla.Africa wengeza ngokuthi isikole asizange sikuphenye ngokwanele lokho okushiwo ummangalelwa.
“Okwenza izinto zibe zimbi kakhulu isikole asizange siphenye ngokwanele bavele bathatha amahlebezi bamehlisa esikhundleni sokuba uMenganeli wesikole bamphuca nebheji lakhe,” kwengeza uNdebele.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo eMpumalanga, uGerald Sambo uqinisekise umbhikisho wathi abafundi abakwazanga ukubhala iphepha labo lokuqala lesiNgisi.
“Isikole ngokubonisana nomphathi wesekhethi kwenziwe izinhlelo zokuthi ibanga leshumi nanye lizobhala iphepha lesiNgisi lokuqala ngoMsombuluko ngomhlaka-28 kuLwezi,” kusho uSambo.
USihlalo Osabambile weKhomishini yokulingana kobulili (CGE) uNomasonto Mazibuko uthi izinsolo zokudlwengulwa ezingamanga zihlehlisa umsebenzi owenziwe ukuqeda udlame lokuhlukunyezwa kwabesifazane (GBV).
“IKhomishana inxusa abomthetho ukuthi baqinisekise ukuthi ubulungiswa buthatha indawo yabo. Siyazi futhi ukuthi uMnyango wezeMfundo usuveze ukuthi uzocacisa ngezinyathelo okumele zithathwe uma nje usuthole umbiko ovela ethimbeni labaphenyi, kanti amaphoyisa avule uphenyo ngembangela yokushona komfundi,” kungeza uMazibuko.
Isithombe esingenhla esomfundi obephethe umbhalo ngesikhathi sombhikisho
Umthombo wesithombe: Nothando Makhubela