Umfundi uzame ukuzibulala uthishomkhulu eshicilela imiphumela yakhe esidlangalaleni

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Kusuke isidumo ngesikhathi uthishomkhulu wesikole samabanga aphezulu i-Daveyton eshicilela imiphumela yabafundi ku-Whatsapp nokuyinto eholele ekutheni kuphazamiseke ukufunda nokuthi umfundi oyedwa azame ukuzibulala.

Emzamweni wokukhuthaza abafundi besikole samabanga aphezulu i-Daveyton, kusolakala ukuthi uthishomkhulu uMelody Maseko usabalalise imiphumela engemihle yabafundi bebanga likaGrade 12 ku-Whatsapp. Kodwa-ke, isenzo sakhe asizange sifike kahle kwabaningi njengoba izithombe zisabalale ezinkundleni zokuxhumana.

Omunye wabafundi uzame ukuzibulala ngemuva kokugconwa ngokungenzi kahle kwakhe.

Esikhundleni sokuthi axolise kubafundi ngemuva kokwenza lokhu, kuthiwa uMaseko ubize abaphasile ukuthi beze ngaphambili wabancoma phambi kwabafeyilile.

Umfundi ocele ukungadalulwa igama utshele i-Scrolla.Africa ukuthi uMaseko ucelwe ukuthi axolise kubafundi kodwa wenqaba.

“Anginacala” esho.

“Ebesikufuna kuye ukuthi akhombise ukuzisola ngesenzo sakhe kodwa uye wanqaba ekubeni kufanele abe umholi walesi sikole.

“Kuthiwani ngamalungelo ethu obumfihlo? Akazange yini acabange ngalokho ngaphambi kokuthi anqume ukushicilela imiphumela yethu esidlangalaleni?”

Ngeke siyeke ukubhikisha uyoze axolise,” esho.

Lo mfundi wengeze ngokuthi abafundi abebebhikisha basatshiswa ngokuthi ngeke bavunyelwe ukubhala izivivinyo zokuphela konyaka.

Umzali okhathazekile uThabo Moeketsi uthe uthukile ngesikhathi ebona indodana yakhe nabanye abafundi okokuqala ngqa ezinkundleni zokuxhumana.

“Amalungu eqembu laku-whatsapp ebehleka futhi enza amahlaya ngemiphumela yabafundi.

“Anginendaba ukuthi ithini imiphumela yabafundi, bekungafanele ukuthi kuhlekiswe ngabo ngaleya ndlela. Kungani engakwazanga ukulinda umhlangano wabazali obuhleliwe?

“Abanye abafundi yilabo abebedonsa kanzima eminyakeni edlule abebegconwa ngokuphinda amabanga. Izenzo zakhe zibakhuthaza kanjani?” ebuza.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo eGoli uSteve Mabona uthe uthishomkhulu uxolisile kubafundi nabazali abathintekayo.

“SinguMnyango siyazigxeka izenzo zokungaziphathi kahle ezenziwa yinoma ngubani ofuna ukudicilela phansi isithunzi sezikhungo zethu zokufunda.”

“Othisha kufanele babe isibonelo ukuze baqinisekise ukuthi abafundi bayalingana ngokwenza isikole sibe indawo ephephile evumela ukuthi ukufunda nokufundisa kwenzeke ngendlela efanele,” esho.

Esithombeni esingenhla: Abafundi besikole samabanga aphezulu bebhikisha

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva