Arthur Greene
Kubantu abaningi, inyuvesi yindawo lapho imibono ehlukene ingemukelwa nje kuphela, kodwa iyakhuthazwa.
Labo bantu ngokusobala abakaze baye e-Akwa Ibom State University e-Nigeria.
NgoMbasa, inyuvesi yaxosha umfundi owenza unyaka wokugcina ngokugxeka uMbusi Wombuso wase-Akwa Ibom. Kodwa umfundi uyazilwela.
U-Iniobong Ekpo, obefundela iziqu ze-Agricultural Engineering, unikeze inyuvesi isonto ukuthi imbuyisele enyuvesi kungenjalo uzothatha izinyathelo zomthetho.
U-Ekpo waxoshwa ngenxa yokubhala “udaba olwehlisa isithunzi” ngowezi-2019 ku-Facebook mayelana noMbusi Wombuso wase-Akwa Ibom, u-Udom Emmanuel.
Esihlokweni, usola u-Emmanuel ngokungasifezi isithembiso okusolwa ukuthi wasenza ngowezi-2017 sokunikeza imivuzo yezezimali kubafundi ababephothula ngaleso sikhathi kule nyuvesi.
“Sekuyiminyaka emibili nezinsuku eziyi-166 selokhu athembisa, kodwa akekho noyedwa kulabo abathweswe iziqu owathola i-naira,” kubhala u-Ekpo ngaphansi kwegama lomgunyathi i-Afrosix Jaara.
Inyuvesi ethe encwadini yayo yokuxoshwa ukuthi indatshana ka-Ekpo “ingukwephula” isifungo sikamatikuletsheni kanye nokwephula imithetho nezimiso zasenyuvesi ezibekwe kwi-Student Information Handbook. Inyuvesi iphinde yathi u-Ekpo uvele ngaphambi kwekomidi lokuqondiswa kwesigwegwe.
Kodwa encwadini ebhalelwe inyuvesi ngummeli omele u-Ekpo, u-Inibehe Effiong, usola ukuthi inyuvesi ayikaze imlalele kahle.
Le ncwadi ithi u-Ekpo akazange amenywe ukuba eze emhlanganweni wokuqondiswa kwezigwegwe.
Kanye nokubuyiselwa njengomfundi enyuvesi, ufuna inhlawulo izigidi eziyi-N20 (imali eyizi-R690,000) kwinyuvesi
U-Ekpo utshele i-Premium Times ngoMsombuluko ukuthi akazisoli ngalolu daba, futhi uthembise ukuthi uzolilandela leli cala.