Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Ngemuva kokungakwazi ukuqhubeka nebanga elilandelayo ngoba ekweleta, umfundi oneminyaka engu-17 wase-Ncuncuzo Senior Secondary School, e-Cofimvaba, ugqekeze umuzi wabantu wantshontsha imali yokukhokha esikoleni.
Ngokusho kukababekazi wakhe uNksz Nosipho Mkoko, uMasibulele Nqoleko uvumile ukuthi ugqekeze umuzi wantshontsha imali akhokhe ngayo esikoleni maqede wazithengela umfaniswano wesikole nezinye izidingo.
“Ngezwa ngabazala bakhe abafunda naye ekilasini elilodwa ukuthi akakwazanga ukudlulela ebangeni elilandelayo ngoba akayitholanga imiphumela yakhe yesikole. Ngambuza wangitshela ukuthi utshelwe ukuthi usakweleta imali yesikole yonyaka odlule futhi ukweleta isikole imali ye-Typek [printing paper].
“Ngemva kwesikhashana ngezwa kuthiwa ugqekeze weba imali. Uvumile ukuthi wagqekeza weba imali yokukhokhela isikole, imali yamaphepha ebifunwa isikole, wathenga amabhulukwe esikole wabe esegunda izinwele.”
Ngemuva kwezinyanga kwenzeke isigameko, uNqoleko kuthiwa ushaywe ngamalungu esigungu saKwaSijula. Ushone ngeSonto mhlaka-30 kuNhlangulana ngenxa yokulimala akuthole eshaywa.
Unina, uPhindeka Nqoleko, uthe wabizelwa emzini wenkosi yendawo lapho ashaywa khona.
“Ngathi ngifika babesanda kumshaya. Ngatshelwa ukuthi mangithathe inja yami ngihambe. Wawa phansi ngesikhathi siphuma nje emzini wenkosi, bamthela ngamanzi baqhubeka nokumshaya waze washona.”
Umama kaNqoleko akasebenzi kanti uphila ngokuthola amatoho endaweni.
Okhulumela amaphoyisa ase-Eastern Cape uColonel Siphokazi Mawisa usiqinisekisile lesi sigameko.
“Umufi ubesolwa ngokubandakanyeka esigamekweni sokugqekeza. Iqulu lamalungu omphakathi lamshaya waze washona,” kusho uMawisa.
Uthe kuboshwe amadoda amathathu aneminyaka ephakathi kuka-35 no-65 ngecala lokubulala uNqoleko, kanti avele eNkantolo yeMantshi yase-Tsomo ngoLwesine.
I-National Prosecuting Authority esifundazweni ayizange itholakale ukuthi iphawule ngomphumela wokulalelwa kwesicelo sebheyili.
Okhulumela Ezemfundo e-EC, uMalibongwe Mtima, uthe ukubamba imiphumela yomfundi kuphambene nomthetho.
“[Ukugodla imiphumela yomfundi] kwephula ilungelo lomfundi lokufunda. Bekungamele isikole sikwenze lokho kanjalo nomama bekumele enze uhlelo lokukhokhela isikole,” kusho uMtima.
Uthe umnyango uzolandelela udaba nehhovisi lesifunda sase-Cofimvaba.
Umndeni wakwaNqoleko ucela umnikelo wokungcwaba indodana yawo. Umndeni unethemba lokungcwaba uMasibulele ngoMgqibelo mhlaka-13 July.
Uma ufuna ukunikela ungaxhumana noNosipho Mkoko ku-0659187526.
Esithombeni Ngenhla: UMasibulele Nqoleko (17) oshaywe waze washona ngamalungu omphakathi.
Umthombo: Sithunyelwe