Umfundi ushayiswe nguthisha ngemoto

Moyahabo Mabeba

Umfundi webanga lesishiyagalombili wephuke umlenze ngemuva kokushayiswa nguthisha ngemoto esikoleni afunda kuso.

Ngemuva kwalokho, uthisha unikeze uSibongiseni Jokoze intshontsho lemali engama-R250 futhi wehluleka ukubika lesi sigameko emndenini womfana.

Manje, umndeni kaSibongiseni umsola ngokungazisoli selokhu kwenzeke lesi sigameko.

USibongiseni kuthiwa walimala ngaphakathi emagcekeni esikole samabanga aphakeme i-OR Tambo e-Dennilton, e-Sekhukhune ngosuku lokuqala lomhla zingama-26 kuNtulikazi.

Selokhu kwenzeke lesi sigameko, uphoqeleke ukuthi aphuthe amakilasi amaningi ngenxa yezinhlungu emlenzeni wakhe wesobunxele obekumele umbozwe ngokhonkolo.

Nangemuva kokususwa kokhonkolo uSibongiseni uphoqeleke ukuthi ahambe amakhilomitha amabili ukuya esikoleni esebenzisa izinduku.

Ngokusho kukamama kaSibongiseni, uClara, ubemile emgqeni wokujova ngesikhathi lo thisha, okuthiwa ungumshayeli osafunda emshayisa ngemoto yakhe.

UClara uthe uthisha akakaze akhombise ukuzisola selokhu aphula umlenze wendodana yakhe.

“Ngaziswe ngomunye wabafundi, wangitshela ukuthi indodana yami ishayiswe yimoto esikoleni. Ngenkathi ngifika, ngitshelwe ukuthi uyiswe esibhedlela sase-Philadelphia yi-ambulensi. Akekho umuntu wakulesi sikole oke wazihlupha ngokuphelezela ingane yami ukuya esibhedlela”.

Uthe kukhona umuntu  obesesibhedlela oze kuye wamtshela ukuthi konke kuhamba kahle.

“Lo muntu ungiluleke ngokuthi ngingalivuli icala emaphoyiseni wangithembisa ukuthi uzongisiza ngokufaka isicelo semali ye-Road Accident Fund. Lowo muntu akasatholakali ndawo, manje senginenkinga yokugcwalisa amafomu”.

UClara manje ufuna ubulungiswa ngendodana yakhe,  kodwa akazi ukuthi aqale kuphi.

“Ngidinga usizo kulolu daba. Ngifuna ukubophisa lo thisha emaphoyiseni ukuze akhokhele akwenzile. Manje sengibambekile ngokugcwalisa amafomu e-RAF ngoba angazi ukuthi agcwaliswa kanjani,” esho.

UTidimalo Chuene, okhulumela uMnyango wezeMfundo esifundazweni, uthe lolu daba kufanele luphathwe ngamaphoyisa noma ngabe lwenzeka emagcekeni esikole.

UBrigadier Motlafela Mojapelo, okhulumela amaphoyisa ase-Limpopo ululeke umndeni ngokuthi uvule icala lokuzama ukubulala esiteshini samaphoyisa e-Dennilton.

Izihloko zakamuva