Umfundi usebenzise uR500 kaNSFAS ukuqala ibhizinisi 

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

● Umfundi waseMthatha wasebenzisa u-R500 wemali yesibonelelo sikahulumeni sabafundi ukuqala ipulazi lezinkukhu eseliqashe abantu abahlanu.

● Ibhizinisi selikhule laze laba nesitolo esidayisa izinto zasepulazini kanye nezingulube, kodwa ipulazi lidinga indawo eyengeziwe ukuze lidlondlobale.

Umfundi oneminyaka engu-21 wase-Eastern Cape wasebenzisa u-R500 wemali yakhe yokudla yesikole ukuze aqale ibhizinisi manje elondla imindeni emihlanu.

UNgcali Takata wase-Mthatha wasebenzisa imali yakhe ka-National Student Financial Aid Scheme (NSFAS) ngesikhathi efunda eWalter Sisulu University. Namuhla unepulazi lezinkukhu kanye nesitolo enkabeni yedolobha.

“Sikhulele kuloluhlobo lwebhizinisi, abazali bami bebengasebenzi, sikhule bedayisa amatshwele ukuze siphile. 

Ngakhoke ngesikhathi ngiseNyuvesi, ngabona ukuthi angifani nabanye abafundi, ngangingakwazi ukuthenga izingubo nokuthumela imali ekhaya.

“Ngathatha isinqumo sokubuyela kulokho engakhulela kukho. Ngathatha uR500 emalini yami ngathenga amatshwele kanti nebhizinisi laqala ukukhula kusukela lapho,” esho.

Lo mfundi oneziqu ze-Medical Sciences usedayisa imikhiqizo yezinkukhu, ukudla kwezilwane, imithi, imigomo kanye nezithombo zemifino esitolo sakhe esisenkabeni yedolobha lase-Mthatha.

“Ngabona ukuthi ukufuywa kwezinkukhu kukodwa akwanele ekuziphiliseni, ngakho nami ngidinga ukuthola indlela esimeme yokwenza imali ngakho nganquma ukuvula isitolo sokudayisa lapho ebengizodayisa khona imikhiqizo yokulima, okuhlanganisa ukudla kwezilwane nemithi,” esho.

UTakata wafunda ngebhizinisi lakhe ku-inthanethi ngoba wayengakwazi ukukhokhela izifundo.

“Ngazama ukwenza izifundo ezimfushane zebhizinisi kodwa kodwa angikwazanga ukuzikhokhela, ngase nginquma ukuzifundela ngo-google konke engangikudinga ukuze ngifunde ngokuqhuba ibhizinisi. 

Ngokwesibonelo, ngafunda nge-mark up yebhizinisi ku-inthanethi – ngaze ngafunda nokwenza i-balance sheet ku-inthanethi,”esho.

I-Small Enterprise Development Agency (Seda) yamsiza wakhula ngokumnika uxhaso kanye nama-incubators.

“Okungikhathazayo njengamanje ukuthi asinayo indawo eyanele yokukhulisa ibhizinisi, njengoba sinezikhukhukazi ezizalela amaqanda. 

Besinezikhukhukazi eziningi kodwa ngenxa yezinselelo zendawo, kuye kwadingeka sehlise inani. Uma singaba nendawo ethe xaxa, singakhulisa ibhizinisi libe yindawo enkulu nakakhulu,” esho.

UTakata useqalile futhi ukufuya izingulube futhi ufuna ukuqasha abantu abasha abaningi njengoba ibhizinisi lakhe likhula.

Esithombeni esingenhla: UNgcali Awonke Takata, 21, owaqala ibhizinisi ngesibonelelo sika-NSFAS.

Umthombo: Sithunyelwe 

Izihloko zakamuva