Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
U-Aviwe Mavonya (18), udlwengulwe wabulawa ephuma esikoleni ngenxa yokushoda kwezinto zokuhamba abafundi.
Izakhamizi zasemakhaya zifuna imigwaqo nezokuthutha ezifanele ngemva kweminyaka eminingi abafundi behamba ngezindlela eziyingozi beya esikoleni.
Sisezinhlungwini isigodi sase-Eastern Cape ngemuva kokudlwengulwa kwabulawa intombazane (18) iphuma esikoleni.
Izakhamuzi zithi lesi sigameko esingesihle besingagwemeka ukube bebenemigwaqo nezokuthutha ezifanele.
Isidumbu somfundi webanga le-11 u-Aviwe Mavonya sitholwe ehlathini eduze kwesigodi saKwaGqwarhu eLibode ngoLwesine. Ufunde eZibungu Senior Secondary School,
Umalume wakhe uMzolisi Mavonya uthole isidumbu sakhe.
“Ngithathe isinqumo sokuthi ngiyongena ehlathini, ngesikhathi ngiqhubeka nebengikwenza, ngabona isidumbu sengane yesikole sinqunu sinenxeba elisebusweni sisemahlathink.
“Isikhwama sakhe sesikole besiseduze kwakhe, kanye nekhondomu esebenzile. Ngithuke kakhulu, ngacela usizo ngaqoqa amadoda asendaweni, sabiza amaphoyisa,” usho kanje.
Ubaba wakhe uNkosinathi Mavonya ozwa ubuhlungu wayeke wabika ukuthi ulahlekile ngaphambi nje kosuku.
“U-Aviwe ubeyingane eziphethe kahle, enobuhlakani bomuntu omdala, sasike sixoxisane naye ngezinye izinqumo zomndeni. Njengoba wayenengane esemncane kakhulu, wayeseyishintshile impilo yakhe yaba ngcono.
“Ubesenikele impilo yakhe kuJesu futhi wagqugquzela nezinye izingane lapha ukuba zenze okufanayo,” esho.
Abantu bakule ndawo bathi izingane zabo kumele zihambe emizileni eyingozi ngoba ingekho imigwaqo efanele ukuze abantu abathutha bafinyelele kubo.
“Izingane zethu kumele zihambe ibanga elide ukuze zifike eZibungu SSS esigodini esingumakhelwane, asinazo izinto zokuthutha abafundi ngoba asinayo imigwaqo efanele.

“Izimoto azikwazi ukungena kule ndawo ikakhulukazi uma lina, yizingane ezincane kuphela ezinemoto eziyisa esikoleni kodwa ibehlisa phezulu bese zihamba phansi,” kusho esinye isakhamuzi.
Abafundi bavamise ukuphuma emakhaya ngo-4 ekuseni beyofunda babuye ngo-5.30 ntambama ngemva kwezifundo zantambama. U-Aviwe uhlaselwe ezihambela yedwa emuva kwezifundo zantambama.
Abazali sebefuna isikole simise amakilasi ekuseni nantambama ukuze bavikele izingane zabo.
Esithombeni esingenhla: Abazali baka-Aviwe Mavonya bemi ngaphandle kwekhaya labo.
Umthombo: Sithunyelwe