Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Ngenyanga edlule, i-Scrolla.Africa ishicilele udaba lomfundi wase-Eastern Cape ofunda eWalter Sisulu University ukuthi wasebenzisa kanjani imali yakhe ka-NSFAS ukuze azakhele umuzi wakhe.
ULungisani Mbutuma uchazile ukuthi ukwenze kanjani konke lokhu.
Uqale ukwakha umuzi wakhe ngo-2020, esebenzisa imali yakhe yokuhlala neyezokuthutha ka-NSFAS waze wawuqeda ngo-2022.
“Imali yokuhlala ngayithola sekwedlule isikhathi, mhlawumbe ngoMandulo, ngaleso sikhathi yayilinganiselwa ku-R15 000. Eyokugibela ngangithola cishe u-R4 000 ngenyanga,” kusho uMbutuma.
Ukuthola isiza sokwakha umuzi wakhe kwakungenzima.
“Isiza siseduze nasekhaya, ngakhuluma nomndeni wami kanye nenduna ngohlelo lwami lokwakha umuzi ababanga nankinga,” kusho uMbutuma.
Waqasha abesilisa ababili omunye wayengumakhi wezindlu omunye ekwazi ukuplastela.
“Imali yabo bobabili ibingu-R11 000 kanti izinto zokwakha ngazithenga ezitolo ezidayisa impahla yokwakha (wardware stores) ezahlukene ngase-Bizana,” kusho uMbutuma.
Ukuthutha impahla yokwakha ayilethe esizeni kwambiza u-R800.
“Angazi ukuthi ngayiqasha kangaki imoto yokuletha izimpahla ngokukhethekile, kodwa kwaze kwaba kabili kanti ngasebenzisa imali elinganiselwa ku-R17 000 ukuthenga izinto zokwakha.
“Ngaboleka amathange amanzi kumakhelwane wami ngaqasha iloli elizokha amanzi edamini, ngikhokha u-R350 uhambo ngalunye. Angisazi nokuthi ngaliqasha kangaki iloli kodwa ngathi kwaba izikhathi ezinhlanu,” kusho uMbutuma.
Ngemuva kokuqeda le ndlu ngo-2022, waqala ukuthenga ifenisha esebenzisa imali yakhe ka-NSFAS kanye nemali ayeyithola kubavakashi.
“Abavakashi bebefika ngamaholidi noma ngoZibandlela ngibahambise endaweni ngibakhombisa izihlahla nezinto ezahlukene bese bangikhokhele imali ababona ukuthi ingifanele,” kusho uMbutuma.
Iseluleko sikaMbutuma kubafundi abacabanga ukuzakhela izindlu ukuthi kuyinto emba eqolo.
“Kudingeka umuntu okwazi ukuphatha imali ngoba awukwazi ukuqala ukwakha ngaphandle kwemali eyanele,” usho kanje.
Uthe kuba nzima noma ngabe umuntu uzilungiselele kangakanani ngoba amanani ezinto zokwakha alokhu enyuka.
“Ngibe nenhlanhla ngoba bengazi ukuthi u-NSFAS uzonginika imali unyaka nonyaka ngikwazi ukuwuqeda umuzi wami, nabanye bangakwenza lokhu uma bezimisele,” kusho uMbutuma.
Esithombeni ngenhla: ULungisani Mbutuma owasebenzisa enye yemali yakhe ka-NSFAS ukuzakhela umuzi.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe.