Umfundi obhale ukuthi uthisha wakhe ugqoke izicathulo ezimbi ugcine ezilengisile ngemuva kokuthi uthisha wakhe emsongele ngokumbulala

Moyahabo Mabeba

Khona othumele isithombe “sezicathulo ezimbi ezibizayo” ku-Facebook wathi kuzo zonke izikole kuyaba khona oyedwa onazo lezo zicathulo.

Ethi wenza ihlaya, uKhutso Mabiletja uphendule kulesi sithombe esithunyelwe ku-Facebook washo igama likathisha wakhe oyedwa ogqoka lesi scathulo.

Kodwa uthisha wasesikoleni samabanga aphezulu esibizwa nge-Kopano endaweni yase-Lebowakgomo akazange azithathe kahle lezi ndaba ezibhalwe ku-Facebook wase esabisa lo mfundi.

UKhutso Mabiletja obeneminyaka eyi-19, utholakale ezilengisile ophahleni lwendlu kubo ngeSonto.

Ngokusho kukagogo kaKhutso, uDinao Mabiletja, uthe uthisha ufike ekhaya labo ediniwe ngoMgqibelo ezosho ukuthi akajabulile neze ngento ebhalwe uKhutso ephawula ku-Facebook.

UDinao uthe “uthisha ubedinwe egane unwabu. Ubethuka eshiya angalazi waphinde wasabisa nomzukulu wami. Ngizamile ukumtshela ukuthi akehlise umoya, kodwa uvele wahamba. Ngacabanga ukuthi indaba isiphelile futhi isidlulile.”

Ugogo kaKhutso uthe kwathi ngokuhamba kwesikhathi uthisha wafika nengane yakhe, nomyeni wakhe kanye nowayeyikhansela kumasipala wendawo obizwa nge-Lepelle Nkumpi, waphinde waqhubeka nezinsolo zakhe.

UDinao utshele i-Scrolla.Afrika ukuthi uthisha utshele uKhutso ukuthi uyazi ngephepha le-mathematics azolibhala ngoMsombuluko futhi umtshelile ukuthi angeke alibhale lelo phepha.

“Uphinde wamtshela ukuthi uma esafunda esikoleni lapho kufundisa yena khona angeke awuphase umatikuletsheni. Uthe uKhutso uzophinda umatikuletsheni wakhe aze abe mdala njengaye. Lawomagama amzwise ubuhlungu umzukulu wami” kusho ugogo kaKhutso.

UDinao uthe ekuqaleni lo thisha utshele umzukulu wakhe ukuthi abhale incwadi ezofundwa abantu bonke axolise, kodwa ngesikhathi uKhutso esethi uyayibhala uvele wathatha ipeni wamtshela ukuthi uzohamba exolisa kuwo wonke amagumbi amakilasi esikole phambi kwezingane ngoMsombuluko.

Uthisha, ngokusho kukaDinao, utshele uKhutso ukuthi uma engaxolisi phambi kwezingane uzombulala.

“Umzukulu wami ukhethe ukuzibulala yena kunokuthi abulawe omunye umuntu. Simthole ezilengisile ophahleni lwendlu” kusho uDinao.  

UWitness Tiya, okhulumela umnyango wezokuthuthukiswa komphakathi uthe umnyango usuthumele iqembu labezenhlalakahle emndenini khona bezokwazi ukuwululeka ngokwengqondo baphinde baweseke.

UTiya uthe “uNgqongqoshe uNkakareng Rakgoale usenxuse abazali kanye nezingane ukuba bangahambisani nokucindezelwa”.

UBrigadier Motlafela Mojapelo okhulumela amaphoyisa ase-Limpopo uthe bavule icala lokubulala.

Izihloko zakamuva