Umfundi (7) kusolwa ukuthi udlwengulwe omunye owenza u-grade 7

Luhlanganiswe ngumbhali we-Staff

Umfundi oneminyaka eyisikhombisa ubudala ofunda ibanga lesibili eShongoane e-Lephalale, e-Limpopo udlwengulwe emagcekeni esikole, kanti kusolwa omunye umfundi webanga lesikhombisa (grade 7) ngalesi senzo.

Okhulumela amaphoyisa uMalesela Ledwaba uthe intombazanyana idlwengulwe emathoyilethi esikoleni ngoLwesihlanu ntambama.

Ngokombiko wamaphoyisa, isisulu sifike ekhaya sikhala ngokulimala emlenzeni, unina wahlola kodwa wacabanga ukuthi ukulimala okungatheni.  Kubikwa ukuthi ngemuva kwemizuzu embalwa isisulu siqale ukukhala sabe sesibekwa phezu kombhede ukuze sibhekwe.

Unina wesisulu ubone ukuthi kukhona okungahambi kahle esithweni sakhe sangasese wabe esephuthunyiswa emtholampilo wendawo. Ithe ifika ingane yahlolwa ngabezempilo abaqinisekise ukuthi idlwenguliwe.

Umsolwa, naye osemncane kodwa ofunda ibanga lesikhombisa akakadalulwa.

Esithombeni ngenhla: Isithombe esiwumfanekiso

Umthombo wesithombe: X

Izihloko zakamuva