Umfundi (44) wenza umatikuletsheni

Uma ngake ngamtshela uDeborah Ruiters phambilini ukuthi ngelinye lamalanga uyodansa emcimbini wokubungaza umatikuletsheni wayezovele angihleke.

Lokhu kungenxa yokuthi umama wezingane ezintathu wase-Bonteheuwel eKapa wayeka isikole efunda ibanga lesishiyagalolunye eminyakeni engaphezu kuka-20 edlule ngesikhathi ekhulelwa.

Kodwa ngoLwesihlanu egqoke ingubo ende emnyama ecwebezelayo, uRuiters ungene ehholo lesikole samabanga aphezulu e-Phoenix High School e-Manenberg ezobungaza umncimbi kamatikuletsheni.

UReuters oneminyaka engu-44 utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ujabule kakhulu. 

“Ukubuyela esikoleni kube isinqumo esingcono kakhulu kumina nokufika ngizobungaza lo mcimbi bekuhlezi kuyiphupho lami. 

Ubefunda esikoleni sasebusuku i-Hopeful Leaders futhi ulindele imiphumela yakhe  kamatikuletsheni ngoNcwaba.

 “Ngifunde kanzima, ngazinikela ngakho konke. Ngithandazela ukuthi ngiphase,” kusho uReuters. Njengoba izingane zakhe ezimbili zisafunda esikoleni samabanga aphezulu, uthe ubefuna ukuba isibonelo esihle ezinganeni zakhe.

“Ingane yami encane ifunda ibanga lesishiyagalombili, futhi ngifuna ithole ugqozi kumina  yazi ukuthi imfundo ibalulekile.” 

Yize umndeni wakhe umangale ngesinqumo sakhe uthe bakhathazeke kakhulu ngokuthi uzokwenza kanjani ngezifundo eziyisithupha azithathile.

“Ngibatshelile ukuthi ngimi ngomumo futhi uma bengiseka ngingenza noma yini. Indlela abaphasa ngayo isihlukile ngoba sifunda ndawonye.

Ekukhuleni kwakhe uRuiters wayefuna ukuba ummeli futhi usafuna ukufeza lelo phupho.

Ufuna ukuba ngummeli wamalungelo ezingane uthe uyathanda ukusebenza nezingane.

“Ngikholwa ukuthi ngingakwazi ukwengeza inzuzo njengoba sinezingane eziningi ezihlukunyeziwe ezweni.”

Ufuna ukuthola nomfundazwe ukuze aqhubeke nezifunda zakhe. 

Ikhansela lendawo u-Angus Mckenzie uyishayele ihlombe impumelelo kaRuiters wathi lokhu kukhombisa ukusebenza kanzima futhi kuwubufakazi bokuthuthuka kwabantu base-Bonteheuwel.

Izihloko zakamuva