Umfula wendle uphoqe usomabhizinisi ukuba avale isitolo sakhe

Kabelo Tlhabanelo

UKabelo Tshwelesa ubenebhizinisi elikhulu esitolo sakhe ebesenza kahle esigabeni sesihlanu e-Mangaung, kodwa umfula wendle umenze wavala iminyango yesitolo sakhe unomphela.

Eminyakeni emithathu edlule usonkontileka wafaka ipayipi lamanzi lesiphepho kodwa washiya ipayipi livuza kanti futhi uKabelo akakwazi ukulungisa ipayipi.

UKabelo uthe usezame zonke izindlela zokuqinisekisa ukuthi umgwaqo wabo ubukeka ngendlela owawuyiyo eminyakeni eyedlule kodwa wangaphumelela.

“Ngemuva kokuchitheka kwendle, amakhasimende aqala ukuhambela kude nesitolo sami,” etshela i-Scrolla.Africa.

“Indle ibimboze cishe wonke umgwaqo ngisho notshani sebuqala ukukhula. Amakhasimende ami abengakwazi ukungena esitolo sami futhi akekho obefuna ukuzibeka engcupheni yokuwela emanzini anukayo.”

Uthe ikhansela lewadi belazi ngale nkinga kodwa lokho akwenzi mehluko.

“Ubiza abasebenzi kodwa uma behamba nje, kuyachitheka futhi. Ngisho nezimoto zamaphoyisa nezithuthi zeziguli azikwazi ukudlula.”

Omunye umhlali, uDan Mosole uthe kudingeke ukuthi asebenzise ibhala ukuze ahambise umzala wakhe ogulayo kwisithuthi seziguli ebesilinde eduze.

“Angibasoli abosizo lokuqala njengoba bebengafuni ukusondela,” esho.

Abahlali bathi inselelo enkulu ukuthi izingane zingagula ngenxa yokuzama ukudlala kule ndle.

“Kumele sibagade,” kusho uPuseletso Maine.

Okhulumela uMasipala i-Mangaung Metro uQondile Khedama, uthe bebengazi ngalolu daba.

Ucele i-Scrolla.Africa ukuthi ithumele imininingwane abazoyilandela.

UKhedama uthe: “Sizokuthumela lokhu kuKhansela uRamabodu nakuleyo minyango ezosiza.”

Izihloko zakamuva