Umfula ongcolile uphazamisa izinhlelo zama-Olympic triathlon

Umdlalo we-triathlon yabesilisa kuma-Olympics ase-Paris bekufanele ibe ngoLwesibili kodwa ubambezelekile ngenxa yokungcola kwe-Seine River.

I-World Triathlon imemezele ukuthi umjaho usuzokwenzeka ngoLwesithathu ekuseni.

Abahleli bethemba ukuthi izinga lamanzi lizoba ngcono ngemuva kwezimvula ezinamandla ngoLwesihlanu nangoMgqibelo.

Nakuba izinga lamanzi selithuthukile, kodwa aliphephile ngokwanele.

“Yize izinga lamanzi selingcono, kodwa asengaphezu kwemingcele ephephile kwezinye izingxenye zomgudu wokubhukuda,” kusho abahleli.

“Impilo yabasubathi iyona nto ehamba phambili kithi.”

Uma amazinga amanzi esemabi ngoLwesithathu, imijaho ingase idluliselwe ngoLwesihlanu.

Uma amanzi engaphephile ngaleso sikhathi, ingxenye yokubhukuda izohoxiswa, futhi abasubathi bazoqhudelana nge-duathlon esikhundleni se-triathlon.

I-Paris isisebenzise u-€1.4-billion (R27.9-billion) ukuhlanza iSeine River ngaphambi kwemidlalo.

IMeya yase-Paris u-Anne Hidalgo uze wabhukuda emfuleni ekuqaleni kwale nyanga ukukhombisa ukuthi uphephile. Kodwa izinga lamanzi lingashintsha, ikakhulukazi ngemuva kwemvula, okwandisa amazinga e-E. coli.

Luhlanganiswe ngumbhali we-Stuff

Isithombe esingenhla: I-Seine River.

Umthombo:

Izihloko zakamuva