Umfowabo weGcokama uchitha eyokuphazanyiswa kwalo emcimbini we-EFF 

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Umfowabo weGcokama eLisha uthi akulona iqiniso ukuthi uBig Zulu uphazamise iGcokama ngesikhathi engena enkundleni iMoses Mabhida lidlala emcimbini we-EFF ngoMgqibelo.

UMnuz Mkhuliseni Mdletshe ukhulume ne-Scrolla.Africa ecacisa ngokwenzeke ngoMgqibelo lapho okugcine sekubikwa ukuthi abalandeli bashiye iGcokama lidlala bejabulela uBig Zulu.

“Kubi ukuthi lento ibekwe sengathi kungene uBig Zulu maqede uMthandeni wasala yedwa esteji. UBig Zulu naye uyathandwa yingakho abantu bemjabulele ngoba ubefika kodwa abazange basuke bonke bashiya iGcokama lidlala. Lento yenzekile nangesikhathi iGcokama lifika kusadlala uThobekile Mkhwanazi. Abalandeli bajabulile belibona iGcokama.  Empeleni lokhu kukhombisile ukuthi iGcokama nabanye abaculi bebamukelwa ngenhlokomo kuloya mcimbi we-EFF uma bengena enkundleni,” kusho uMdletshe.

UMdletshe uthe ubufakazi balokhu ukuthi ngesikhathi iGcokama libuza abantu ukuthi iyiphi ingoma ehlukanise unyaka kwaqhuma amakhwelo bememeza bethi i-Paris.

Ingona yeGcokama eLisha i-Paris idale udungunyane kwezomculo ngemuva kokuthi abaningi kuthiwa babebheke ukuthi ihlukanise unyaka oKhozini fm kodwa akwangenzeka.

Kunalokho yalala isibili kwathi ekaKhuzani Mpungose yaphuma phambili.

Lokhu kudale umsindo abanye besola umpathi wezinhlelo oKhozini fm uNksz Sbongi Ngcobo bephakamisa nokuthi aphenywe ngoba esolwa ngokuba nobudlekwano noKhuzani.

I-South African Broadcasting Coperation iziqhelelanisile nalezi zinsolo yaze yachitha namahlebezi abesabalele okuthi uNksz Ngcobo uyaphenywa futhi usemisiwe ngalo msindo wengoma yonyaka.

Izihloko zakamuva