Umfowabo uyameseka uRosemary

Ingxenye yesikhombisa kweyesishiyagalolunye

“Ubehlezi esinakekela.”

Umfowabo womsolwa usayitsheni uRosemary Ndlovu uyameseka futhi ufuna ephumile ejele.

Umfowabo kaRosemary uDirector Ndlovu, weseka udadewabo noma ngabe amanye amalungu omndeni wakhe kusolwa ukuthi asohlwini lwabantu abazobulawa ukuze athole imali yomshwalense.

Uthi udadewabo kumele akhululwe ngoba umndeni wonke osele wondliwa uyena.

URosemary waboshwa ngoNdasa ngonyaka wezi-2018. Wayesolwa ngokubulala abantu abahlanu okubalwa kubo:

● UWitness Madaka Homu ongumzala wakhe, ngoMbasa ngonyaka wezi-2012

● U-Aundrey Somisa Ndlovu, udadewabo, ngoNhlangulana ngonyaka wezi-2013

● UYingwani Maurice Mabasa, isoka lakhe, ngoMfumfu ngowezi-2015

● UBrilliant Mashego, umshana wakhe, ngoMasingana ngowezi-2016

● UZanele Motha, umshana wakhe, ngoNhlangulana ngowezi-2016

URosemary kusolwa ukuthi wathola izigidi ezi-1,38 zamarandi kumshwalense ngemuva kokubika ngokushona kwabo. Usolwa nangokwakha itulo lokubulala abanye abantu abayi-8, namanye amaphoyisa amabili.

Ngesikhathi ebuzwa ukuthi ngabe uRosemary unobungozi yini kuyena nomndeni wakhe, uDirector utshele i-Scrolla.Africa kwingxoxo ukuthi udadewabo “unothando futhi uyakhathalelana”.

UDirector uthi izinsolo ezibekwa udadewabo azifani noRosemary yena amaziyo. “Akakaze asitshengise izimpawu zodlame ekhaya. Ubehlezi enakekela wonke umuntu emndenini wethu.” “Ngiyazi ngezinsolo. Kodwa izinsolo nje, futhi kumele baziphenye baphinde bazethule phambi kwenkantolo kusho uDirector.

UDirector uthi amanye amalungu omndeni ayameseka uRosemary futhi amdinga ephumile. Amalungu ambalwa abelokhu ekhona enkantolo ngesikhathi uRosemary bechitha isicelo sakhe sebheyili. Inkantolo isichithe isicelo sakhe sebeyili amahlandlana amaningi.

Njengoba kusaqhubeka ukuqulwa kwecala lakhe, amanye amalungu omndeni aseyekile ukuya enkantolo.

Khonamanjalo, ngokusho kwesitatimende samaphoyisa esiphikisana nebheyili yakhe, uRosemary ubesehlose ukubulala omunye udadewabo, uNomasonto.

URosemary kusolakala ukuthi unikeze inkabi imali eyizi-3,000 zamarandi njengesiqalo somsebenzi kanti imali eyizi-15, 000 zamarandi ubezoyithola uma eseqede umsebenzi, ehamba nenkabi emotweni yakhe beya emzini kadadewabo ukuze azomkhomba. Ngemuva kokunikeza inkabi imali eyengeziwe engama-800 amarandi kaphethiloli, wayelokhu ebathinta ebabuza ukuthi ngabe sebmbulele yini, kodwa ngokuhamba kwesikhathi izinkabi zathola ukuthi udadewabo kaRosemary usebulewe.

Izihloko zakamuva