Dylan Bettencourt
Umfowabo kaPaul Pogba, uMathias uvalelwe esitokisini samaphoyisa ukuze aphekwe ngemibuzo mayelana nezinsolo zokuzama ukuqola umfowabo omncane imali.
NgoLwesithathu umthombo osondelene nophenyo uthe uMathias uzihambise kubaphenyi ngezikhathi zantambama wabe esevalelwa, kubika i-Guardian.
Kuthiwa abanye abathathu basesitokisini.
Uphenyo olusemthethweni lweziphathimandla luza ngemuva kophenyo olumayelana nezinsolo zokuqola nokuqolwa kweqembu lamalungu ezigelekeqe ngosizo lukaMathias.
Izinsolo ezisanda kwenziwa ngabaphenyi ziveze ukuthi uMathias nguyena onecala kanye futhi nguye obehamba phambili kulo mshikashika wokuqolwa kwempahla, ngokusho kwe-RMCSport.
UPogba utshele amaphoyisa ukuthi ubelokhu eqondiwe kusukela ngoNdasa kulo nyaka iqembu lezigelekeqe okuthiwa lakhiwe ngabangani bakhe.
Lo mdlali wasesiswini we-Juventus ukhokhele leli qembu imali elinganiselwa ku-R17 000 ekuqaleni kwalo nyaka, kusho imithombo yezomthetho itshela i-Reuters.
Yize ekhiphe amavidiyo amaningi esabisa ngokudalula umfowabo, uMathias uziphikile zonke izinsolo esitatimendeni esifakwe ezinkundleni zokuxhumana.
Ummeli wakhe ukugcizelelile ukuthi uMathias uyawaphika amacala.
“Uma kubhekwa ukuthi lolu daba lwavela kanjani kanye nokunaka kwabezindaba okukhulu ngalo, uMathias Pogba uyagcizelela ukuthi akazi lutho mayelana nemizamo yokuqola umfowabo uPaul Pogba,” kufundeka isitatimende sommeli.
“UMathias Pogba ofisa ukwenza konke ukudambisa isimo nomfowabo, kusukela manje uzokhuluma nezimantshi eziphenya amacala kuphela, uma kunesidingo.”
Khonamanjalo izinto kwezemidlalo azikho lula kuPogba njengoba ethathe isinqumo sokuthi ahlinzwe idolo elilimele.
Ngokuya kwempumelelo yokuhlinzwa uPogba engase aphuthelwe iNdebe yoMhlaba ehlelelwe ukuba e-Qatar ngasekupheleni kwalo nyaka.
Umthombo wesithombe: @GettyImages