Dylan Bettencourt
UVanessa Bryant ongumfelokazi wesihlabani se-basketball uhlaselwe uvalo olukhulu ngemuva kokubona izithombe zengozi yendiza enophephela emhlane yomyeni wakhe nendodakazi yakhe zifakwe kwi-inthanethi.
Unkosikazi walesi sihlabani se-basketball ummangalele i-Los Angeles County ngemuva kokuthi abosizo lokuqala besolwe ngokusabalalisa izithombe zale ngozi.
“Bengilindele ukuthi babe nozwelo ngoba bengingazi,” etshela amajaji njengoba evule icala, ngokusho kwe-BBC.
Unkosikazi oneminyaka engu-40 ufuna imali eyizigidi zamarandi ngemuva kwalento abayenzile engenazwelo.
UKobe Bryant nendodakazi yakhe uGianna kanye nabangane bomndeni abayisithupha bashona ngesikhathi kuphahlazeka indiza enophephela emhlane ngoMasingana ngo-2020.
NgoLwezi olwedlule isifunda savuma ukukhokha u-R42 million emndenini wakwaBryant ngokuhlukumezeka emoyeni, kodwa uVanessa wayinqaba leyo mali.
Ekhuluma uVanessa ukhumbule esekhaya ngesikhathi kuqubuka indaba yokushona komyeni wakhe ephephandabeni i-Los Angeles Times.
“Ngaphuma endlini ukuze angangiboni amantombazane. Ngangifuna ukugijima ngiyokhala ngimemeze lapho ngingeke ngizwakale khona.”
Umfelokazi wengeze ngokuthi wazizwa edabukile enhlizweni elimele futhi ekhashelwe futhi njengamanje usehlalele ovalweni nsuku zonke lokuvela kwalezi zithombe.
“Angifuni ukuzibona lezi zithombe. Ngifuna ukukhumbula umyeni wami nendodakazi yami ngendlela ababeyiyo.”
Inkantolo izwe ukuthi amasekela kasheriff kanye nezicishamlilo ibona abanesibopho sokuthatha izithombe zendawo yengozi ngaphambi kokuzikhombisa abantu ezindaweni zokucima ukoma nemicimbi.
Ummeli kaVanessa, uLuis Li uthe abasebenzi bomphakathi bathele usawoti esilondeni esivulekile base bewuhlikihla ngezenzo zabo.
Ummeli wesifunda uJ Mira Hashmall uthe ukuthwebula izithombe kwesayithi kubalulekile nokuthi izithombe azikaze zabiwe ku-inthanethi.
“Azikho ku-inthanethi, azikho kwabezindaba azikaze zibonwe ngisho ngabamangali uqobo,” kusho uHashmall.
Umthombo wesithombe: @People