Lubhalwe nguMasoka Dube
Inhlangano ezinze eMpumalanga i-Hoxani Traditional Council ihlawulise owesifazane (74) ohola impesheni u-R7 000 ngokungcwaba umyeni wakhe egcekeni.
URoslinah Mpangani wasesigodini saseHoxani e-Bushbuckridge uthe usebenzise yonke imali anayo ukukhokha inhlawulo futhi usakweleta u-R2 000.
UMpangani uthe bekuyisifiso somyeni wakhe ongasekho uWilson Mpangani ukuthi angcwatshwe eduze kwethuna likamfowabo. Ufeze isifiso somyeni wakhe ngesonto eledlule.
Ezinsukwini ezimbalwa ngemuva komngcwabo ubizelwe enkantolo yenduna ukuze azochaza ngesenzo sakhe.
“Amalungu omndeni aye lapho ukuyongimela ngoba angivunyelwe ukuya ezindaweni ezigcwele abantu ngoba ngizilile. Uma befika khona batshelwe ukuthi kumele bakhokhe inhlawulo ngokushesha,” kusho uMpangani.
Ngesikhathi ebatshela ukuthi akanayo imali eyanele yokukhokha inhlawulo, uthe abaholi bendabuko bamtshele ukuthi asebenzise imali enikelwe umphakathi ngemuva kokushona komyeni wakhe.
“Ngemuva kokuzama ukubenza baqonde isimo sami kubenhlanga zimuka nomoya, ngizizwe ngiphoqelekile ukuthi ngisebenzise wonke u-R5 000 ukuze ngikhokhe inhlawulo. Njengoba ngikhuluma nawe manje, anginakho ngisho ukudla endlini,” kusho umfelokazi obekhathazekile.
Okubi nakakhulu, kuthiwa utshelwe ukuthi kumele akhokhe u-R500 njalo ngenyanga ukuze aqedele imali yenhlawulo esele.
USihlalo woMkhandlu uMnu Luka Nkuna uthe uyalwazi udaba waphinde wathi umndeni uyikhokhile inhlawulo.
“Kuyiqiniso ukuthi umndeni utholwe unecala lokungcwaba ekhaya kanti kuye kwathiwa ukhokhe u-R5 000 njengenhlawulo. Asibavumeli abantu ukuthi bangcwabe amalungu emindeni yabo egcekeni ngoba esikhathini esizayo kuphazamisa intuthuko,” kusho uNkuna.
“Isibonelo, uma uhulumeni ethatha isinqumo sokususa amakhaya ukuze athuthukiswe indawo, eminye imindeni isuke ingafuni ukususa amathuna. Sivumela ukuthi kungcwatshwe ekhaya kuphela uma umuntu omdala ecela ukungcwatshwa eduze nowakwakhe owangcwatshwa egcekeni eminyakeni eminingi edlule.”
UNkuna uziphikile izinsolo zokuthi uMpangani usakweleta umkhandlu isamba sika-R2 000.
Esithombeni esingenhla: Umfelokazi uRoslinah Mpangani ehlezi phambi kwendlu yakhe enegumbi elilodwa
Umthombo wesithombe: Uthunyelwe