Umfelokazi kaHani akaneme ngokukhululwa kowabulala umyeni wakhe

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Umfelokazi kaChris Hani uLimpho Hani udalule okushaqisayo emcimbini wesikhumbuzo weminyaka engu-30 kwashona umyeni wakhe.

Uthe umbulali womyeni wakhe uJanusz Waluś unikezwe ushwele ngoba engayiphendulanga incwadi yakhe yokuxolisa futhi uthi akazange ayithole.

Ekhuluma emcimbini wesikhumbuzo obuseThomas Nkobi Memorial Park ku-Heidelberg Road, e-Elspark ngoMsombuluko uLimpho Hani uzwakalise ukuphoxeka kwakhe ngoMphathi wamaJaji uRaymond Zondo ngokunikeza uWaluś ushwele.

UWaluś wabulala uChris Hani umholi womzabalazo owayelwa nobandlululo ngaphandle komuzi wakhe e-Dawn Park, e-Boksburg mhla ziyishumi kuMbasa ngo-1993 kusasele unyaka ngaphambi kokhetho lokuqala lwentando yeningi.

ULimpho Hani uthe ubengakayitholi incwadi yokuxolisa evela kuWaluś futhi akazi nokuthi imayelana nani.

Uveze ukukhungatheka kwakhe njengoba ethi iNkantolo yoMthethosisekelo yehlulekile ukuletha ukuthula emndenini wakhe.

Lo mcimbi ube ithuba lokuthi uLimpho Hani akhulume ngomthelela wokushona komyeni wakhe kanye nezingqinamba eziqhubekayo emndenini wakhe.

Kwesinye isimemezelo uNdunankulu waseGoli uPanyaza Lesufi umemezele ukusungulwa komfelandawonye omusha phakathi kwe-ANC ne-EFF.

ULesufi usebenzise lo mcimbi ukuzibophezela ekubuyiseleni ukulethwa kwezidingo kubantu kulo masipala omkhulu athe ushaywe indiva uhulumeni womfelandawonye oholwa i-DA.

Udalule nokuthi ukwakhiwa kweNyuvesi yase-Ekurhuleni kwamiswa izinyanga ezingu-16 ngaphansi kukahulumeni odlule.

Esithombeni esingenhla: ULimpho Hani

Umthombo wesithombe: Doreen Mokgolo

Izihloko zakamuva