Umfelandawonye webhola lezandla ekugcineni usufake umthetho wokugqoka ama-bikini kuphela

Dylan Bettencourt

Kulandela izinsolo ezisabalele zokucwasa ngobulili, i-International Handball Federation (i-IHF) iguqule umthetho wayo wokugqoka amabhikini kuphela ngokuvumela abesifazane ukuthi bagqoke izikhindi zamabhayisikili kanye nezikibha ezincane uma sebeqhudelana.

Isicelo sokuthi kube noshintsho siza ngemuva kokuthi le nhlangano igxekwe kakhulu ngokuhlawulisa iqembu lebhola lezandla lase-Norway imali eyizi-R30 000 ngokugqoka izikhindi emqhudelwaneni we-Euro 21 ngoNtulikazi, njengoba lokho umfelandawonye wakuthatha “njengezingubo ezingafanele”.

Ngisho sekunesinqumo esibuyekeziwe, kusasele izinga eliphindwe kabili phakathi kwabasubathi besifazane nabesilisa. Lesi sinqumo esisha sisho ukuthi “abasubathi besifazane kufanele bagqoke amabhulukwe amafushane ampintshayo aqine kancane”, ngenkathi abasubathi besilisa basavunyelwe ukugqoka izikhindi ezivamile inqobo nje uma zingenazo izikhwama eziqinile futhi okungenani ezingu-10 cm ngaphezu kwedolo.

Emidlalweni efana ne-track and field, ibhola lezandla lasebhishi kanye nethenisi, izingubo zilawulwa kakhulu kwabesifazane, kodwa imithetho yezingubo zabadlali besilisa ayinakiwe kakhulu.

Umkhankaso oqhutshwa isishoshovu uTalitha Stone uthole ukunakwa ngesikhathi isicelo sakhe esimelene nomthetho webhikini sifinyelela kubantu abasayinile abayizi-61,000 futhi uthole ukwesekwa yi-Collective Shout, inhlangano yokulingana ngokobulili.

“Ngiyethemba esikhathini esizayo abesifazane namantombazane bazokhululeka ukubamba iqhaza kwezemidlalo ngaphandle kokusaba ukungasebenzi kahle komthetho wezingubo zokugqoka kanye nokuhlukunyezwa ngokocansi,” kusho uStone.

ONgqongqoshe bezemidlalo abavela e-Denmark, e-Norway, e-Sweden, e-Iceland kanye nase-Finland babhale incwadi ngokuhlanganyela becela ukuthi i-IHF yenze izinguquko ezinqumweni zayo zezingubo zokugqoka ukuze kuvunyelwe abesifazane kwezemidlalo futhi bakhuthaze abasubathi ukuthi babambe iqhaza kwezemidlalo ngaphandle kokusaba.

Umthombo wesithombe: @People

Izihloko zakamuva