Everson Luhanga
Sekuyizinsuku ezinhlanu manje, ingane eneminyaka emithathu ilwela impilo yayo esibhedlela sase-Leratong ngase-Kagiso e-Westrand.
Kuthiwa ushaywe ngesihluku ngubaba ongamzali, ogcwele izinkalo manje.
Umama wengane utshele i-Scroll.Africa ukuthi nge-Sonto mhla zingama-31 kuMfumfu, ubesesontweni ngesikhathi umfowabo wesoka lakhe engena esontweni ngesikhathi senkonzo yokwelapha wamkhiphela ngaphandle ukuze akhulume naye.
“Umfowabo wesoka lami ungitshele ukuthi indodana yami ishaywe umphakathi yabe isiphuthunyiswa esibhedlela,” esho.
“Angizange ngiqonde. Ngenkathi ngimbuza ukuthi ubani emphakathini oshaye indodana yami futhi ngasiphi isizathu, angizange ngiyithole impendulo”.
Uthe uphuthume esibhedlela e-Leratong, kwathi ngenkathi engena ewodini okulele kulo indodana yakhe, inhliziyo yakhe yaba buhlungu. Ubhekane nesithombe okungafanele sibonwe umama.
“Ngifice indodana yami ivuvukele yopha. Amehlo akhe abevuvukele, enemivimbo emzimbeni nengalo ifakwe ukhonkolo,” esho.
“Ngesikhathi engibona uvele wakhala wathi: ‘Mama, ubaba ungishayile”.
Uthe ube eseqala ukukhala kanye nendodana yakhe.
“Indodana yami ibisezinhlungwini. Ubebukeka engenakusizakala,” esho.
“Ngokujwayelekile uyingane enamandla egcwele impilo, futhi ephila saka. Kodwa ngeSonto ngimbone ephuke ingalo futhi esezinhlungwini ezinzima”
Uthe akazi ukuthi umfana omncane wenzeni ukuze ashaywe indoda abecabanga ukuthi iyamthanda kanye nezingane zakhe ezimbili.
“Ngisafuna izimpendulo,” esho.
Ubelokhu eya esibhedlela nsuku zonke ukuyovakashela ingane yakhe.
Usola ukuthi akukhona okokuqala isoka lakhe liba nodlame, futhi uthi lamshaya mhla ziyisishiyagalolunye kuMandulo ngesikhathi ezama ukuvikela indodana yakhe kulo.
“Angikwazanga ukumvumela ukuthi ahlukumeze indodana yami ngibuka. Ngesikhathi ngivikela indodana yami nami ngashaywa,” kusho yena, kodwa akazange asibike lesi sigameko.
Lokhu kushaywa kwakamuva kuyaphenywa. Okhulumela amaphoyisa ase-Kagiso, uKaputeni Solomon Sibiya, usiqinisekisile lesi sigameko. Uthe amaphoyisa athungatha umsolwa ogcwele izinkalo.
“Sicela noma ngabe ngubani ongaba nolwazi ngokuthi ukuphi umsolwa ukuthi abikele amaphoyisa,” kusho uKaputeni uSibiya.